UKUKHALELWA abalandeli bakhe abangawatholanga amathikithi omcimbi i-One Man Show with Ayanda Ntanzi kuphoqe ukuthi lo mculi enze umcimbi walo nyaka endaweni evulekile njengoba uzoba seMoses Mabhida Stadium.
Ngonyaka odlule umcimbi walo mculi wawuse-ICC, eThekwini.
Njengoba kwakungowokuqala waba undabamlonyeni kwabaningi, ngisho ezinkundleni zokuxhumana.
NgoLwesihlanu u-Ayanda umemezele ukuthi umcimbi walo nyaka uzoba seMabhida ngoJulayi 12.
Uveze ukuthi amathikithi azoqala ukudayisa emasontweni amabili ezayo.
Ekhuluma neSolezwe u-Ayanda uthe kulo nyaka ufuna ukuthi kuze wonke umuntu futhi ngeke kube nje umcimbi lapho ezocula khona kuphela kodwa kukhona nokunye okuhlukene okuzobe kwenzeka esiteji.
“Ngifuna umcimbi wanonyaka ungabi nokuthi kukhona izinto esingeke sikwazi ukuzenza. Isiteji nje sisodwa kulo mcimbi sizobe sixoxa indaba. Ngeke kugcine ngokubonakala kwami nabazobe bengisiza esiteji kuphela, kodwa kuzobe kudlala ifilimu njengoba ngifuna sixoxe indaba kulo mcimbi,” kuchaza u-Ayanda.
Uveze ukuthi nakulo nyaka uzobe eyedwa akekho umculi ozobe emphelezela.
“E-ICC ngacula amahora amane esiteji, eMabhida sibheke kwamahlanu kuya kwayisithupha. Uma ngibheka emculweni kukhona i-albhamu entsha eyobe iqoshwa bukhoma ngalolu suku, njengoba ngenza nase-ICC, kodwa ezinye zezingoma ezintsha njengoba sibheke kulolu suku ngizozethula ukuze abantu bazazi. Nalezi ezindala siyozibuyisa kulo mcimbi, ngakho ngiyanxusa ukuthi abantu bathenge amathikithi singabi khona isililo njengonyaka odlule,” kuchaza yena.