ITHATHE elinye igxathu eyesehlukaniso somlingisi uSello Maake KaNcube nomkakhe uPearl Mbewe njengoba ebhalele i-Special Investigating Unit (SIU) ethi ayiphenye ngemali uSello ayithola kwi-National Lotteries Commission (NLC).
Kulezi zinyanga ezedlule kulokhu kuvela uchungechunge lwezigigaba okuthiwa zenzeka empilweni yabo.
Elinye lamaphephandaba angeSonto like labika ukuthi uPearl usola uSello ngokumbeka engcupheni yokuthola isandulela ngculazi, okuyinto uSello athi uzoyithathela izinyathelo zomthetho.
Izolo i-City Press ibike ukuthi uPearl ubhalele i-SIU ukuthi iphenye ngokusebenza kukaSello ne-NLC.
Okhulumela i-SIU uKaizer Kganyago ucashunwe ekuqinisekisa ukuthi bayitholile incwadi kaPearl kodwa abaphenyi umuntu ngamunye kepha babheka indlela yokuthengwa kwezinto nokwenziwa kwemisebenzi ezikhungweni zikahulumeni.
Akucaci ukuthi yimalini uSello ayithola kwi-NLC kodwa incwadi ingenye yezinto okuthiwa ziseqhulwini lwengxabano futhi zibambe ukuphothulwa kwesehlukaniso.
Ummeli kaSello kuthiwa ubhale incwadi ngenyanga edlule eveza ukuthi osekubambe isehlukaniso yile ncwadi kaPearl efuna uphenyo, ukwabelana ngo-R1.5 million uSello abelana nowayeyisithandwa sakhe uThandi Ngcobo nokuhlukaniswa kwemali yenhlangano.
Ngo-2013 uSello kuthiwa wafaka uThandi enkantolo ngo-R4 million ababewuthole kwi-National Lottery Board Try Fund ngesikhathi besendawonye futhi kwakumele athole u-R1.5 million kuwo.
Umthombo uthe incwadi kaPearl isuswe wukubhubhudlwa kuka-R2.2 million uSello awuthola kwi-NLC ngo-2019 ukusungula imidlalo yeshashalazi. Kunalokho kuthiwa akenzanga lutho.