UMAKADEBONA wemidlalo yeshashalazi, uPenny Youngleson, usekhiqize umdlalo weshashalazi osihloko sithi Memento Mori, ozolingiswa yizitshudeni zomkhakha wokulingisa ezifunda e-DUT (Durban University of Technology, kuso lesi sikhungo eCourtyard Theatre eThekwini, ngo-Okthoba 17 kuya ku-19.
Kulo mdlalo osuselwa encwadini yakhe uPenny, yezingane eyisihloko esifanayo, kuzothi uma usukhonjiswa eshashalazini, kube khona uNel van der Merwe, obhekelele imihlobiso nezimpahla okuzosetshenziswa ngabalingisi, kuthi u-Anne Youngleson, abambisane noPenny ukuqiniseka ukuwudidiyela.
Enaba ngalo mdlalo, uPenny uthe uzohluba udlubu ekhasini ngezimo nezinto eziholela ekufeni kwezingane zisencane, okuzokwenza abake bafunda incwadi bafunde okusha, futhi kube sengathi baqala nokuzwa ngayo ngoba uzobe usuhlukile.
“Lena yindaba elungele wonke umuntu, ezobe ibeka konke obala ngokufa nokugula kwezingane zisencane, futhi izokhumbuza abantu ukubaluleka kokusebenza kusakhanya ngenxa yokuthi ukufa akukhethi sikhathi, kufika noma yinini,” usho kanje.
UPenny, naye osebenza e-DUT, usenesikhathi eside eyibambile kule ndima futhi usewole nezindondo. Useke wafundisa ezokulingisa e-UCT, University of Stellenbosch nase-AFDA.
Amathikithi okubuka lo mdlalo abiza u-R50 abantu abadala nezitshudeni, bese kuba wu-R20 abahola impesheni nezingane ezincane. Azotholakala emnyango ngosuku lomcimbi.
Ngo-Okthoba 17 nango-18, lo mdlalo uzokhonjiswa ngo-6 ntambama, bese ukhonjiswa ngo-11 ekuseni ngo-Okthoba 19.