KUSUKE umsindo emiklomelweni yezindondo amaSouth African Traditional Music Awards (Satma) abeseDurban Christian Dome ngeledlule, umlingisi woMkhokha: The Curse, exabana nabahleli balo mcimbi.
Isolezwe ngempelasonto lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni kusuka isidumo ngesikhathi uNelisiwe Sibiya, exabana nabahleli bomcimbi.
Umthombo uveze ukuthi uNelisiwe uye kubahleli bomcimbi eqhuma yintukuthelo emva kokuzwa ngandlebenye ukuthi, indondo yeBest Traditional Media Influencer abeqokwe kuyona izothathwa wuKing Nuba.
“Indaba isuswe wukuthi uNelisiwe ubewabonile amavoti akhe abengaphezu kwakaKing Nuba sekusele isikhathi esincane ukuthi kube nomcimbi. Ufike edinwe eqhuma wabuza ngesankahlu kubahleli bomcimbi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi indondo ingatholwa uyena ekubeni amavoti akhe angaphezu kwakaKing Nuba. Abahleli bazamile ukumchazela ngokwenzekayo kodwa ubengasafuni kuzwa lutho. Ugcine esedube nomcimbi wawushiya uphakathi. Njengoba efike kubahleli ingakamenyezelwa le ndondo, eveza ukuthi usezwile ukuthi iya kuKing Nuba, nebala kugcine kunjalo njengoba ithathwe yilo somahlaya,” kusho umthombo.
Imizamo yokuthola uNelisiwe Sibiya, ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belulokhu luvaliwe kanti nomyalezo athunyelelwe wona kwiWhatsApp akawuphendulanga kodwa kukhomba ukuthi ufikile kuyena.
UKeletso Dlamini wamaSatma, uthe akekho umuntu owazi amavoti ngaphambi kokuba amenyezelwe esteji.
“Ngenhlanhla uNelisiwe umuntu ebengihlala ngixhumana naye ngisho ungakafiki umcimbi. Bengihlala ngimtshela ukuthi kumele avote, angathembeli kubalandeli. Okunye ukuthi amavoti asikwazi ukuwabona ungakafiki umcimbi. Ngisho nathi esisebenzela amaSatma asikwazi ukuwabona kodwa kunabantu abasuke bebheke lowo msebenzi. Ngelanga lomcimbi bakhipha imvilophi esuke inomuntu owinile iqale ukubonakala ngelanga lomcimbi ukuthi ubani owinile. Nangelanga lomcimbi angizange ngimbone uNelisiwe emcimbini,” kusho uKeletso.
Umthombo uthe vele kungenzeka ukuthi uKeletso akambonanga ngoba vele akakhulumanga naye kodwa ukhulume nabanye abahleli bomcimbi.