NAKUBA ekufisa futhi engakujabulela ukuqhubeka nokulingisa emidlalweni yethelevishini uma ethola ithuba kodwa uhlela ukugxila ekwenzeni umsebenzi abalingisi abaningi abangawunakile kule ndima.
USindisiwe Zondo waKwaMashu, olingisa indawo kaSibongile emdlalweni wakwi-etv Imbewu: The Seed, uthe useqalile ukuzicija ngolwazi oluzokwenza akwazi ukukhiqiza umculo oyisendlalelo emidlalweni yethelevishini.
“Lokho ngikwenza ngoba bambalwa abalingisi abakhuthalela ukwenza imisebenzi efana nalowo, njengoba iningi lingazixaki ngokwenza eminye imisebenzi engagqamisi - kunalokho wonke umuntu ufuna ukulingisa, avele kwithelevishini.
“Kumanje sengiqalile ngizifundisa ukudlala i-piano nezinye izinsimbi ezisetshenziswa ukuhlanganisa umculo, ukwenza izinto zibe lula uma sengihlwaya imisebenzi eqondene nalokho - ngoba vele ukucula nokubhala izingoma ngiyakwazi futhi ngikufundele,” kuchaza uSindisiwe.
Echaza ngendawo ayilingisa kwiMbewu, uthe kuyamjabulisa ukuyibona ikhula, ikakhulu ngoba engena kulo mdlalo, kwakuyindawo encane enganakekile.
“Ngijabule ngalokho ngoba kuyangikhulisa njengomlingisi, futhi kunginika ithuba lokufunda izinto eziningi kwabangiphethe nakozakwethu engisebenza nabo emdlalweni,” kusho uSindisiwe oneziqu iBachelor of Arts in Motion Picture Medium yase-AFDA.