EMUVA kwesikhathi eside abantu bezwelana noMohale Motaung mayelana nezinsolo zokuhlukumezeka emshadweni sebevele bamphendukela njengotshwala esiswini.
UMohale muva nje usevale ukuthi abantu baphawule ekhasini lakhe uma enameka izithombe ngenxa yokugxekwa nokusolwa ngokuba yiqola.
UMohale kusukela ngedlule ulokhu esematheni kulandela ukuthi yena noSomizi beqinisekise izinsolo zokuthi banezinkinga emshadweni nosekuholele ekutheni bagcine behlukene. Ngokuphumela kwakhe obala abantu bathi ubefuna ukuzwelwa ukuze ashaye achithe nezinto zikaSomizi nobekuyiqhinga abasola ukuthi ubelele phezu kwalo sonke lesi sikhathi.
UNomsa Ntshangase uyale uMohale ngokuthi akafunde ukuzimela. " Ngokuzayo ubosebenzela izinto zakho mfana, okwenze kuSomgaga akuxoleleki, uyimbungulu," kusho UNomsa.
UMohale waveza ukuthi ubehlukunyezwa emshadweni futhi engaluthakaseli nocansi ngoba luhambisana nezenzo zokuhlukumezeka. Ngalezi zinsolo wazwelwa ngabaningi kodwa muva nje abantu abasamzwile bathi nguyena ongalungile nobenezinhloso zokuqeda lo mshado. Uma nje eke wanameka isithombe kuvele kuchwaze abantu bambeke amabala.
UMohale akazikhathazi ngokulokhu ephendula. Kunalokho usevele wakhetha ukuvala ukuphawula kwabantu. Kuzokhumbuleka ukuthi isithombe sakhe sokuqala ngqa asifake ngo-Agasti 16 kuphawule abantu abangaphezulu kuka-19 000 bemsola ngezinsolo ezifanayo nezingenhla.
Emuva kwalesi sithombe ubese ekuvala izinsuku ezimbalwa ukuphawula kwabantu kodwa izolo waphinde wakuvula ngethemba lokuthi isimo sizobe sesidambile. Abantu babukeka bengakadluli belokhu bemgxeke njalo. Lokhu akuqali ngoMohale njengoba noLady Zamar ebhekene nenkinga efanayo yokungcofwa njalo ngokuveza izinsolo zokuthi wanukubezwa isilomo somculi uSjava.