KUXWAYISWA abafuna umsebenzi eMnyangweni weMfundo KwaZulu-Natal ukuthi babe mehlo mane njengoba kubanjwe umkhonyovu wozama ukuqola abafuna umsebenzi wokuba ngothisha, ebaqola imali.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguMphathiswa wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, emuva kokuba kuvele ukuthi kukhona osebenzisa izithombe azishutha nezikhulu zomnyango, ukuzama ukuqola abafuna umsebenzi.
UHlomuka uthe kumele aboshwe owenza lokhu.
“Sifuna ukukubeka kucace ukuthi akekho umuntu ojutshwe ukuthi aqole abantu ebathembisa umsebenzi. Siyamgxeka owenza lokhu esebenzisa nezithombe azithatha nezikhulu zomnyango,” kusho uHlomuka.
Uthe ozama ukuqola abantu ufuna ukutshengisa ukuthi angabatholela izikhala ngoba usondelene nezikhulu.
“Uke wasebenzisa isithombe asishutha ngisho nami uqobo, ukuze abantu bakholwe ukuthi uzokwazi ukubatholela umsebenzi emnyangweni. Ngifuna ukukuqinisekisa ukuthi asikho isikhulu somnyango esiyingxenye yalo mkhonyovu,” kusho yena.
Unxuse labo asebeqoliwe ukuthi babike amacala kwabezomthetho.
“Ababike emaphoyiseni ngokushesha labo asebeqoliwe noma asebeke bazama ukuqolwa. Siyazigxeka izehlakalo zenkohlakalo ezenziwa ngabantu abazenza into abangeyona,” usho kanje uHlomuka.
Uthe bazosebenzisana nabezomthetho ukuze akhalelwe ngamasogo owenza okubi.
“Sifuna kwenziwe ubulungiswa, yingakho sizosebenzisana nabezomthetho kulolu daba. Yingakho sithanda ukuxwayisa abantu ukuthi baqaphele,” kubeka yena.
Uthe izinhlelo zokuqasha emnyangweni zivulelekile.
“Kunezindlela ezicacile zokuqasha ezikhangiswa ezinkundleni ezehlukene zomnyango. Zikhangiswa ngisho kwi-website yomnyango kubalwa nokukhangisa kwabezindaba.”
Unxuse abafuna umsebenzi ukuthi baqinisekise ngokuthi baxhumane nomnyango uma kukhona into abangayiboni kahle ethinta imisebenzi ukuze bengaqolwa.