OWAYENGUMQEQESHI kaThabo “Madlebe” Cele emazingeni aphansi, uNkemelle Ntsoane, ukholwa wukuthi lo mdlali uzogqama kahle @KaizerChiefs uma isidansela isigingci sakhe.
UCele waKwaMashu usayine kwiChiefs emasontweni adlule emuva kokwehlukana neqembu laphesheya, iFC Fakel Voronezh yaseRussia. Udlale okokuqala kuleli qembu laseNaturena esuka ebhentshini ngesikhathi libhekene nezimbangi, i-Orlando Pirates emdlalweni weligi. Abalandeli beChiefs baqalile ukubabaza ikhono lakhe ngesikhathi yehlula iStellenbosch emdlalweni weligi eKapa, ngesonto eledlule. Abanye bachazwe wukungalibambezeli ibhola enkabeni yenkudla kukaCele oqalayo ukudlala kwiBetway Premiership.
UNtsoane, owaqeqesha uCele kwiKwaMashu All Stars esigabeni i-ABC Motsepe League ngaphambi kokuthi ajoyine iKZN Football Academy, uthe kusekukhulu okusazobonwa ngabalandeli baMakhosi kulo mdlali. UCele waba ngumdlali wokuqala weKZN Football Academy owasayina inkontileka phesheya kwezilwandle ngesikhathi ethathwa yiReal Sport Clube yasePortugal, ngo-2016
“Siyamjabulela kakhulu ngokuthi kufezeka iphupho lakhe lokudlalela iKaizer Chiefs. Nakuba engakafiki ezingeni esilaziyo ukuthi ukulona kodwa lokho siyazi uthi kwenziwa wukuthi indlela uThabo adlala ngayo ihlukile. Indlela umqeqeshi weChiefs afuna iqembu lidlale ngayo, ayikavumelani naye. Kodwa ke ngokwazi ukuthi ungumdlali ohlakaniphile, uzoyibamba. Emdlalweni odlule ubengcono kakhulu kunalena emibili ayidlalile,” kusho uNtsoane.
“Usekhule kakhulu kunalo mdlali esasinaye eneminyaka engu-15. Wayedlala kithina engakabi nawo ngisho umazisi ngoba iminyaka yakhe ingakavumi. Bazogcina sebedansela isigingci sikaCele kwiChiefs. Yilapho ke ezogqama khona ngoba uzobe eselawula isivinini iqembu elidlala ngaso. Indawo ayidlalayo enkabeni yenkudla idinga lokho,” kusho uNtsoane.
Emdlalweni wabakhaya baseSoweto, uCele umakane nomkhaya wakhe, uThalente Mbatha, naye odlule esandleni sikaNtsoane kwi-All Stars esemncane ngaphambi kokudlulela kwiHighlands Park eyamdlalisa eqenjini leDStv Diski Challenge.
“Ngahluleka ukuwubuka lowo mdlalo ngendlela enganginovalo ngayo. Kwavele kwaqubuka uhlevane. Sekuneminyaka sakhishwa kwiMotsepe League kodwa izithelo zibonakala manje. Kwafika ngenye indlela kimina. Uma wahlwanyela kuyoqhuma noma ngasiphi isikhathi. Lokhu kufanele kube yisifundo nakubadlali sokuthi iphupho liyofezeka noma yinini,” kuphetha uNtsoane.
UCele kulindeleke ukuthi asize iChiefs uma isibhekene neChippa United emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqobelo ngo-6 ntambama.