UHLENGEZELE izinyembezi usaziwayo waseKwaZulu-Natal, ohamba phambili e-Afrika namaphethelo, uNtombezinhle “DJ Zinhle” Jiyane, ngesikhathi ebona i-vidiyo yebhendi yoMbutho wezokuVikela kuleli, i-South African National Defence Force (SANDF) idlala ingoma yakhe ethi, Indlovu.
Ibhendi yombutho idlale ingoma ngesikhathi uMengameli wezwe Cyril Ramaphosa, ethula inkulumo ebibhekiswe ezweni, (SONA) eCape Town, ngesonto eledlule maqede kwachazeka intandokazi yaseDannhauser.
I-vidiyo yebhendi isatshalaliwe ezinkundleni zokuxhumana nguNkosinathi Mncube, okunguye oyiqophile.
Eziphendulela nge-vidiyo, uZinhle ukhombise ukujabula ngokubhala enkundleni yokuxhumana i-X ukuthi “Wow” maqede wafaka umfanekiso oneso elikhalayo, eveza imizwa yakhe ngalokhu kuhlonipheka.
Abalandeli bakhe abawuvalanga umlomo, nabo banikele kule nkundla yezokuxhumana babhala kanje: “Ukwazi ukuthi umculo wakho unomthelela omngaka” ekubeni omunye ethe le ngoma iwumlilo.
Le ngoma yakhishwa ngo-2020, iculwa ngesiXhosa futhi ikhuluma ngokubekezela nangempumelelo. Leli culo likhuluma ngomzabalazo wentombazane esencane ebhekene nezinselelo, ezifana nokungasebenzi.
I-vidiyo yengoma ikhombisa ukuzibophezela kukaZinhle ekufukuleni abantu besifazane. Ibophele owesifazane osemncane osanda kuphothula izifundo zakhe esikhungweni semfundo ephakeme, ngenhloso yokudlulisa umyalezo ngezinselelo ezibhekana nabantu besifazane uma sebethungatha amathuba emisebenzi yize beneziqu.
Akukhona okokuqala ibhendi idlala imhlonipha ngengoma yakhe. Nyakenye, i-vidiyo yeZaseVaal Braas Band yadlala ingoma kaZinhle, ethi Umlilo, lapho ehambisana noMuzzle noRethabile Khumalo, yaphenduka undabamlonyeni ebantwini ezinkundleni zokuxhumana. Iningi labantu lalitusa ibhendi ngokudlala ingoma.
UZinhle uyaqhubeka nokugila izimanga emculweni ngomucu osihloko sithi Sorry, okuyiculo alihlanganyele noSkillz, Section Five, ne-MK Productions. Le ntokazi yodumo lwengoma esihloko sithi My Name Is, seyineminyaka engaphezu kwewu-20 iyibambile insimbi ishisa kule ndima futhi isivumbulule inqwaba yamakhono ngesikole sayo sokudijeya, iFuse Academy.