SELIDLULELA esigabeni esandulela ukuqulwa kwalo icala elibhekene nomsakazi woKhozi FM, uSiyabonga Mhlongo (40).
Lokhu kuhlaluke ngoLwesithathu evela kafishane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Lo msakazi ongaphandle ngesexwayiso ubhekene necala lokushaya alimaze kabi umlisa (29) owayeyisinqandamathe sakhe.
Ngaphambilini inkantolo yaguqa ngenxa yokuthi kwakusaqoqwa ubufakazi bezitatimende ezeseka ubufakazi bommangali nommangalelwa.
Omele uMbuso kuleli cala, uMshushisi uHosen Shenaaz, utshele imantshi uMnuz Mhlonipheni Sibiya ukuthi leli cala ubona kukuhle ukuba lihlehle ngoba basadingida udaba lokuthi lidlulele esigabeni esandulela ukuqulwa kwalo.
Icala libe selihlehliselwa uMashi 5.
"Uzobuya lapha enkantolo ngenyanga ezayo sekuzohlelwa isigaba sokulungiselelwa kokuqulwa kwecala,'' imantshi ikhuluma ibhekise kuSiya.
Igama lakhe liqale labizwa enkantolo engasabeli kwaze kwaba amahlandla amabili. Kuze kwadingeka ukuthi kudlulelwe phambili kubizwe abanye abebezovela enkantolo.
Inkantolo iphinde yalibiza igama lakhe ngaleso sikhathi ubesevele esengaphakathi.
Ungene enkantolo ephelezelwa ngabesilisa ababili okubonakale sengathi bebezomeseka. Ubeziphihle ngezibuko ezimnyama.
Ebhokisini ubedane ezilungisa efaka ihembe ngaphakathi abuye abheke phezulu. Ngaleso sikhathi ubesezikhumulile izibuko ephethe iselula ngesandla.
Kuke kwavela izindaba zokuthi lo msakazi uke wanikela emahhovisi akwa-SABC ngenhloso yokucela ukubuyiselwa emoyeni kodwa abaphathi boKhozi bashaya phansi ngonyawo bathi udaba lwakhe luyoze lumunyungwe kahle uma sekuphele icala abhekene nalo.
USiya ume esakaza uhlelo Ubusuku Obuhle olungena ngo-8 ebusuku phakathi nezinsuku.
Ngaphambilini loyo okhulumela i-SABC, uMmoni Seapolela, waveza ukuthi uSiya uyena owazicelela ukuhoxa ekusakazeni lolu hlelo.
Uhlelo lwakhe seluphenduke ubhandemtshelekwane njengoba lushayelwa abasakazi ebehlukene.
Lo msakazi ungowokuqala ukuba asakazele uKhozi neMetro FM kanye kanye. Uqale ukuzakhela udumo esakaza kwiGagasi FM eminyakeni eyedlule.
Kuleli cala uSiya umelwe nguSkhumbuzo Mathabela ophinde abe ngomunye wabefundisi abaziwayo KwaZulu-Natal.