ZISIHAMBELA kahle isangoma sodumo lwezinkulumo ezakhaya ezinkundleni zokuxhumana njengoba sesinogologo obizwa ngaso. UPatricia Motsoeneng odume ngelikaGogo Skhotheni kubukeka zimhambela kahle izinto kulo nyaka njengoba muva nje kwethulwe iGogo Skhotheni Gin. Lokhu kujabulise abantu baningi ezinkundleni zokuxhumana kwazise akaconsi phansi ngempilo yakhe yobungoma.
UGogo Skhotheni ebhala emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhuma uveze ukuthi kufezeke iphupho ngokuba nalo gologo. Usho kanje kulandela ukuthi kulo nyaka ebonakala engenisa kumabhizinisi amaningi ahlukene. Phakathi kwawo kubalwa izinsipho zokugeza, iziwasho nezimpahla zokugqoka. "Ngibonga ongaphezulu namadlozi ami ngeGogo Skhotheni Gin," kusho uGogo Skhotheni.
Yize izangoma ziningi ezinkundleni zokuxhumana kodwa uGogo Skhotheni ubonakala ezishaya emakhanda eziningi ngendlela anogazi ngayo kubantu. Ezinye zezinto ezimenza ahambe iphambili indlela aphatha ngayo amathwaswa akhe njengoba ewavumela ukuthi aphile impilo ejwayelekile nephilwa abantu abasha yize esephehlweni. Lokhu akuvamile ukubonakala futhi abantu abaningi baye bakhale ngokuhlukunyezwa lapho bethwasa khona. UGogo Skhotheni ubukeka eeshintsha izinto eziningi ngezinkolele zikuthwaswa. Abalandeli bakhe balokhu bembongele njalo uGogo Skhotheni ngempumelolo yakhe kulo nyaka.