IDINE abantu abaningi inkulumo yesilomo sezinhlelo zethelevishini sichaza umluko waso njengesitayela esinobulokishi kodwa esihle nesisenza sibukeke njengentokazi yaselokishini.
UMinnie Dlamini Jones ufake isithombe sakhe ezinkundleni zokuxhumana eluke amagoda asamasingili nake adlisa kakhulu ngama 90's. Lesi sitayela sasekhanda besenziwa nanoma ngubani osithandile ngisho nosaziwayo baphesheya kwezilwandle.
Kodwa uMinnie umangaze abantu abaningi eqhamuka nalesi sitayela ethi ufuna babone ukuthi uyakwazi nokubukeka njengentokazi yaselokishini. Iningi labantu likubuke njengento ehambisana nempakamo ukusho kwakhe kanje ekubeni isitayela esikade sasilukwa abantu abaningi. "Ukuthi siwubulokishi akusho ukuthi asikho sihle. Ngiyawathanda amagoda ami," kusho uMinnie.
Abantu besifazane bahluleke ngisho ukuzibamba ngalo mbhalo nokwenze abantu besilisa abaningi babona sengathi vele uMinnie ubengathandwa imbokodo nesithole intuba yokumtinyela.
Yize abanye bebemgxeka kodwa kukhona abazwelana naye abathi akutholwe indlela yokumlungisa ngoba uphume esandleni kodwa kungaliwa naye ngendlela esekwenzeka ngayo ezinkundleni zokuxhumana.