YIZE isihlabani somculo we-Afro soul, uZahara, sishiye siyibekile induku ebandla emculweni kodwa sihambe emhlabeni singaneme, sikhala ngokudliwa kwamandla aso kangangoba sagcina sesizinikele otshwaleni ngenxa yokhwantalala. UCHARLES KHUZWAYO usithatha asibeke ngalo mculi!
UZahara uzalwe enguBulelwa Mkutukana emijondolo yasePhumlani, ngaphandle kwase-East London, e-Eastern Cape ngoNovemba 9, 1987.
Uyingane yesithupha ebantwaneni abayisikhombisa bakaNokhaya noMlamli Mkutukana. Waqala ukukhombisa ikhono lokucula esemncane kangangoba waze wajoyina ikhwaya yesikole, iPhumlani Primary eseneminyaka eyisithupha.
Kwathi eseneminyaka eyisishiyagalolunye wacelwa ukuba ajoyine eyabafundi abadala ngenxa yephimbo lakhe elalivuthiwe.
Yize esontweni afundiswa ngamanye amalungu ebandla ukudlala uphiyano kodwa isigingci wazifundisa ngesikadadewabo, elingisa izingwazi ezinjengoTracy Chapman, India Arie noJoana Armatrading. Waqala ukuqamba izingoma ezikhuluma ngempilo yakhe eseneminyaka ewu-12.
Esakhula ubaziwa ngoSpinach kodwa emculweni wabizwa ngoZahara, okusho imbali eqhakazayo.
Eseqede isikole, uZahara wazithola esebhuquza ekhaya ngoba abazali bakhe babehluleka ukumyisa esikhungweni semfundo ephakeme. Yingakho azithola eseculela abantu emigwaqweni yangakubo.
Yinqwaba yezinkampani ezazimthembisa ukumqopha kodwa kugcine kungenzekanga. Kwathi ngoMashi 2010 enandisa kwenye indawo yokucisha ukoma, ikhono lakhe labonwa nguThembinkosi Nciza we-TS Records.
UThembinkosi owamyisa eGoli lapho amsayinisa khona futhi wamveza kwi-DVD kaNhlanhla Nciza ecula inoni lakhe elithi Loliwe.
Ngonyaka olandelayo uZahara, ephrojuswa wuRobbie Malinga noMojalifa Thebe, wakhipha unqambothi lwe-albhamu eyathakaselwa wumhlaba wonke.
Waqopha umlando ngokuthi i-albhamu yakhe ishaye iDouble Platinum Disc ngokudayisa amakhophi angaphezu kuka-100 000 kusaphele izinsuku ezingu-17 ikhishiwe. Ngonyaka olandelayo leli cwecwe lawola izindondo eziyisishiyagalolunye kuma-Sama nezine kumaMetro FM Music Awards.
UZahara wacelwa nguMnuz Nelson Mandela ukuba azomculela eduze kombhede wakhe.
Kusukela lapho akabange esazithambisa njengoba icwecwe lesibili ngo-2013, iPhendula lashisa izikhotha ngomucu owawuthi Phendula, Impilo nothi Stay.
Ukubulawa ngesihluku kukathunjana wakubo kaZahara, uMbuyiseli (25) kwaba yimbangela yokuba lo mculi azinikele otshwaleni. Wazisholo yena ukuthi wayehluleka ukumelana nokhwantalala olwaselumkhungethe.
Elesithathu icwecwe ulikhiphe ngo-2015 iCountry Girl, lashaya iTripple Platinum ngaphambi kokushiya enkampanini kaThembinkosi no-DJ Sbu ngenxa yokuthi babengasaboni ngaso linye futhi uZahara wayesebasola ngokudla imali yakhe. Wathi nalokho kwaba nomthelela ekuphuzeni kwakhe.
Wabe esejoyina inkampani yaphesheya iWarner Music lapho ekhiphe khona i-albhamu ethi Mgodi ngo-2017 edayise kakhulu futhi yashaya i-Platinum nethi Nqaba Yami ngo-2021 ephume phambili kuma-iTunes.
Ngo-2021 ushiywe ngudadewabo omdala, uNomonde (45), engozini yemoto. Ushone esengene emculweni wama-piano ngomucu othi Guqa Ngedolo.
Uhambe emhlabeni enezindondo ezingu-17 zamaSama, ezintathu zamaMetro, eyodwa yama-Nigeria Entertainment Awards, wake wakleliswa kuma-BBC’s 100 Women futhi wajaja kuma-Idols SA.
Yize beyibukeka impilo yakhe ihamba kahle kodwa izinkinga bezilokho zimlandela njengoba ucishe wadlelwa umuzi wakhe oseRoodepoort obiza u-R1.9 million, isikweleti sika-R400 000 semoto i2014 Range Rover Evoque SUV nesika-R620 000 se-Audi A5 yango-2012.
Uke wagqigqa enkantolo ngezinsolo zokukweleta imali yentela. Ushone kade kufanele ashade ngenyanga eyedlule nesoka ebeselimthembise umshado, uMpho Xaba.
Wake wathandana nomsakazi woMhlobo Wenene, u-Amaza Ntshanga no-Ian Sibiya. Ushiye emhlabeni odadewabo uBandezwa noLumka.