UKUZALELWA emafutheni akuzange kube namthelela otheni empilweni yomculi wakuleli osegila izimanga phesheya kwezilwandle.
UToya Delazy, ozinze eLondon futhi ongumzukulu weNkosi Mangosuthu Buthelezi engasekho emhlabeni, uphumele obala ngokukhula kwakhe kanzima.
UToya uvulele isifuba abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi ukhule impilo ejwayelekile, kungekho okutheni enzelelwa kukho.
Lokhu uToya ukusho nje kulandela ukuthi ethintwe wukushona kukaZahara, okumenze wakhumbula ukuthi bake babhekana nesimo esifanayo embonini yezokungcebeleka nomculo.
"Ngibone ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ngibhale incwadi yami emuva kokulahlekelwa udadewethu, uZahara. Ngibone nokuthi wayesayinele into efana neyami emculweni," kusho uToya.
Ukubhala incwadi ngaye nezimo abhekane nazo empilweni, ngezinye zezinto ahlele ukuzenza maduze yize engazange abeke isikhathi.
"Ngake ngakuveza lokhu kwiTwitter, kwasusa inkulumo enkulu abantu bethi nginomkhulu oyisicebi, ngakho anginazinkinga. Kwenza ngabona ukuthi akekho noyedwa owazi ngodaba lwami.
Angikaze nganikezwa lutho, nasenyuvesi akekho owayengikhokhela imali yesikole. Iningi labantu licabanga ukuthi ukuba semalini, kukwenza uphile kahle," kusho uToya.
Esedlule kulezi zimo, ukungena emculweni kwashayelela isipikili sokugcina njengoba eveza ukuthi waze wabhekana nengcindezi yengqondo, esezinikele nasotshwaleni.
Yize kunjalo kodwa ukufudukela phesheya kwezilwandle kumenze wabuyelwa wukuzethemba ngekhono lakhe njengoba esekwa kakhulu.
"Ukungena embonini yomculo kwaba yisifundo esikhulu, ngisuka engcindezini yengqondo, ukusebenzisa utshwala ukuze ngibhekane nakho konke.
Ngokuhamba kwesikhathi ngelapheka ngokuhlamukwa, nabantu bengenza inhlekisa. Angizisoli ngalutho. Konke okwenzekile kungifundise lukhulu nokuthi ngibe nenhlanhla ukuthola ingxenye yomhlaba ethanda ikhono lami," kusho uToya.
Eqhuba uveze ukuthi ukuzimela yize kuyinto ebukeka iwasebenzela amaciko kodwa akulula njengoba wonke umsebenzi usuke usemahlombe. "Siyadinga ukwesekwa yini singamaciko azimele futhi ukuzimela akusho ukwelahlekelwa ikhono lakho.
Ngesinye isikhathi kumele siphume ezivumelwaneni ezinkulu uma zingasasisebenzeli ngoba le mboni iyajikelana," kusho uToya.
Ephetha uthe uzithatha njengeciko elinenhlanhla ngoba wonke adlule esimweni esifanayo, kawasekho emhlabeni.
ISIHLABANI somculi wakuleli uToya Delazy ozimisele ngokubhala incwadi equkethe konke ngempilo yakhe Isithombe: FACEBOOK/ TOYA DELAZY