Umsakazi wohlelo lwasekuseni phakathi nesonto kwiRadio 2000, uDJ Sbu, usememezele ukuthi usesulile kulesi siteshi.
USbu ujoyine iRadio 2000 ngo-Ephreli wonyaka odlule lapho enza khona uhlelo iThe Big Breakfast Show ngo-6 kuya ku-9 ekuseni.
NgoMsombuluko ekuseni ukhiphe isitatimende ethi isinqumo sokushiya usithathe inkontileka yakhe ingakapheli ngoMashi 30.
“Isinqumo asibanga lula ngoba isikhathi engisichithe kwiRadio 2000 ngithole amava amakhulu, yizinto engingasoze ngazikhohlwa nenjabulo yokuxhumana nabalaleli. Ngiyabonga kakhulu ngokwesekwa engikuthole kozakwethu, abaphathi kodwa kakhulu kubalaleli bethu abathembekile,” kusho uSbu.
Uthe ulungiselela ukwethula uhlelo lwasekuseni kwenye indawo kusuka ngo-Ephreli 1.
Uphethe ngokufisela iRadio 2000 impumelelo eminyakeni ezayo.