UNGQONGQOSHE wezikaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uvumile ukuthi kuyichilo ukuba ukucishwa kukagesi kunyuselwe esigabeni sesithupha (Stage6), ikakhulukazi njengoba elakuleli lilungiselela ukusingatha umhlangano wamazwe angaphansi kwe-G20.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo. Ukucishwa kukagesi kuqale ngempelasonto.
Abantu abaningi balale ukucishwa kukagesi kusesigabeni sesithathu ngoMgqibelo, baphaphama ngeSonto sekungaphansi kwesigaba sesithupha kulandela isimemezelo esenziwe kusempondo zankomo sokunyuswa kwezinga lokucishwa kukagesi.
URamokgopa uxolisile kubantu bakuleli ngalesi simo.
“Ngifuna nje ukuqala ngokuxolisa kubantu ngokubuya kohlelo lokucishwa. Okubi ukuthi uhlelo lokucishwa kukagesi lubuye mawala. Siyazi ukuthi abantu abaningi badiniwe, futhi bacasuka kufanele. Siliphoxile izwe. Ngifisa ukusho ukuthi nathi isishayisa ngamahloni lena yokucishwa kukagesi.”
Bese kuphele izinsuku ezingu-20 zilandelana kwagcina ukucishwa kukagesi.
URamokgopa ukhale ngenkinga esiteshini sokuphehla ugesi iMajuba, wathi izoxazululeka maduze lenkinga, bese kuphela eyokucishwa kukagesi.
“Siyayisebenza le nkinga. Nginikeza isiqiniseko sokuthi kuyothi kuphela isonto siyokube sesiyilungisile le nkinga. Kunesiqiniseko sokuthi kuzokuba nesikhathi eside ugesi ungacishwa.”
URamokgopa ukuchithile eyokuthi kunesandla semfene kulokhu kucishwa kukagesi.
“Siyakuqinisekisa ukuthi asikho isandla semfene, angeke silokhu sifunana nezaba. Inkinga siyayazi futhi siyayilungisa.”
Kuke kwaphela izinsuku ezingu-300 zilandelana ugesi ungacishwa ngaphambi kokuthi lolu hlelo lobuye ngasekuqaleni kwale nyanga.
Ukungacishwa kukagesi isikhathi eside kangaka kwenza ukuthi uRama athi sekusele kancane ukuthi izwe lifike esigabeni sokuyiqeda nya inkinga kagesi.
Izolo, uRamokgopa uthe usamile ekutheni izophela maduze inkinga yokucishwa kukagesi.
“Maduze nje sizoqeda ukulungisa u-unit 6 eKusile. Babekade bethe kuzolunga ngasekuqaleni kwale nyanga kodwa babuye bakuhlehlisa. Manje sibheke ngasekuqaleni kukaMashi. Maduze nje sizoqeda ukulungisa u-unit 4 eMedupi. Lokhu kuzosinikeza ugesi othe xaxa ukunalona esinawo njengamanje. Ingakho ngithi sekusele kancane ukuba siyiqede inkinga yokucishwa kukagesi.”