UMCULI we-Afro pop, uPhila Madlingozi, usethathe isinqumo sokuhosha imfe ekulingiseni. UPhila, oyindodana kaRingo Madlingozi, ukhiphe isitatimende lapho abe azisa khona abalandeli, abangani nezihlobo ukuthi usethi khumu kulo mkhakha ngoba efuna ukugxila emculweni.
"Emuva kweminyaka ngiyibambile emidlalweni yethelevishini, ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuvula elinye ikhasi emsebenzini wami. Umsebenzi wokulingisa ugcwele okuhle nokubi. Mina ngibe nenhlanhla yokubusiswa ngezindawo ezingaqulanga umsebenzi wami kuphela kodwa nempilo yami uqobo. Izindaba esizixoxe ndawonye, ukuhleka nezinyembezi esizikhalile, yinto ebengingakaze ngayicabanga."
UPhila ubonge kakhulu abantu akade bemesekile ekulingiseni nebebehlulela ikhono lakhe.
"Njengoba ngishenxa emkhakheni wamafilimu nethelevishini, ngijabule ukuvukuza ikhono lami lokucula."
Unxuse akade bemlandela ekulingiseni ukuba bazomeseka nasemculweni.
"Ukuxoxa izindaba ngizoqhubeka nakho kodwa manje ngesigqi nangezinhlamvu zomculo. Ningakwenza lokho ngokubheka umculo wami ezinkundleni zokuxhumana," kuphetha uPhila.
Leli ciko lihoxa nje beselilingise emidlalweni eminingi yethelevishini okubalwa kuyo iGqeberha The Empire, Intersexions, Isikizi, Mutual Friends, Rhythm City, Single Galz, neThe Queen.
Ngo-2018 uPhila wahlabana ngomklomelo weGolden Horn kumaSouth African Film and Television Awards (Saftas), emunxeni weBest Achievement in Original Music/Score in a TV Drama ngeqhaza alibambe kwiSikizi.
Muva nje ubebambe iqhaza ohlelweni lweShowmax olulandela impilo yabantwana babazali abadumile kodwa abezenzela okwabo, iBorn Into Fame.