KUCISHE kwasa izakhamuzi zaseNtaliyane, eLindelani, eNtuzuma, eThekwini, zibhekile ilokhu isho njalo inganono ebusuku.
Amaphoyisa aseThekwini aqinisekise ukufa kwabahlanu abasolwa ngokuba yizigebengu ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eLindelani, ngeSonto ebusuku.
Amaphoyisa abelandela umkhondo wabasolwa osibalo sabo esingakaqinisekiswa abebehamba ngezimoto ezimbili abebehlela ukugebenga ibhizinisi KwaMashu.
Izimoto ezimbili zabasolwa bezipake ekhoneni lomgwaqo uMdubu noMelusi kanti kusolwa ukuthi abasolwa bebenokungaboni ngaso linye okuholele ekutheni badubule bodwa. Amaphoyisa azithela phezu kwaleyo ngxabano kanti abasolwa base bebhekisa izibhamu emaphoyiseni namaphoyisa aphindisela.
Umthombo weSolezwe ocele ukuba igama lakhe ligodlwe uthi uzwe kuqhuma isibhamu isikhathi eside esahleli nabangani, wathi esebuyela ekhaya wathola amaphoyisa avalile amtshela ukuthi akakwazi ukudla la ngoba indawo yobugebengu. Lo mthombo uthi amaphoyisa amtshele ukuthi akayicelele komakhelwane imoto azame indlela azofinyelela ngayo ekhaya.
“Ngiyicelelile imoto kubangani ngabuya sengihamba ngezinyawo, nalapho kube nzima ukuthi amaphoyisa angidlulise kodwa agcine evumile. Ngithe ngidlula ngabona inqwaba yamagobolondo ezinhlamvu, kukhona nezidumbu ezidindilizile,” kusho lo mthombo.
Uthi ubone nekhaladi ebelinqunu lilimele kabi ngenxa yokudutshulwa. Uthi leli khaladi lizinikele emaphoyiseni.
Imibiko evela endaweni yesigameko ithi ekuseni ngoMsombuluko kufuke amanye amakhaladi esezwile ngezihlobo ezilimale kuleli lokishi. imibiko ikhomba ukuthi asuka eWentworth.
“Ngesikhathi sokudubulana abasolwa abane balimala kabi. Uphenyo endaweni yesehlo luholele ekutholakaleni kwesidumbu somsolwa wesihlanu obezama ukubaleka enamanxeba okudutshulwa. Abasolwa batholwe nezibhamu ezintathu, kusho uColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal.
Abanye abasolwa ababili abalimele ngesikhathi abasolwa bedubulana basesibhedlela. Kumanje kuthungathwa abasolwa abakwazile ukubaleka ngesikhathi kuqubuka uthuthuva. Kubikwa ukuthi alikho iphoyisa elilimele.