UZOQHUBEKA enkundleni egxekwe yiSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho uzokuba senkundleni yebhola lombhoxo, eWoodburn Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesine.
Lokhu kumenyezelwe uSomlomo wesiShayamthetho, uNksz Nontembeko Boyce, ngesikhathi echaza ngamalungiselelo omcimbi.
UNksz Boyce uveze ukuthi bathole isiqiniseko sokuthi iphephile inkundla, waveza nokuthi babe nomhlangano neMbube ngeledlule, lapho beyichazele khona ngezinhlelo zokuphepha.
Umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho ubujwayele ukubanjelwa eRoyal Showgrounds, kule minyaka emibili eyedlule umcimbi ububanjelwe e-Oval Cricket Stadium ngenxa yokungatholakali kweRoyal Showgrounds.
Kulo nyaka i-Oval Cricket Stadium kayitholakalanga ngenxa yokuthi kunemidlalo yekhilikithi eqondene nosuku lomcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho.
Kuzokube kungokokuqala lo mcimbi ubanjelwa eWoodburn Stadium, okwakusingethwe kuyo umcimbi wokufungiswa kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ngonyaka owedlule.
Ngeledlule, iMbube ibhalele isiShayamthetho, ikhala ngezokuphepha kule nkundla.
IMbube iyona eyaye ivule ngokusemthethweni isiShayamthetho. Encwadini ebonwe yiSolezwe, iNdlulamithi yamaKhosi ibikhala ngokuthi iWoodburn Stadium kayiphephile ngenxa yokuthi inamasango amancane okungena nokuphuma, nokuthi kunezindawo eziphakeme eduze nenkundla ezenza ukuthi umuntu ome kuzona akwazi ukubona konke okwenzeka ngaphakathi.
UNksz Boyce uthe emva kokuthola incwadi yeSilo, babhalela uNtuli kanye nabezokuphepha, bebazisa ngokukhathazeka kweMbube.
“Lena akuyona into ebesingayithatha kancane njengoba ithinta ukuphepha kweMbube kanye nendlunkulu. Abezokuphepha baqinisekisile ukuthi inkundla iphephile. Bathe banalo iqhinga lezokuphepha abazolisebenzisa. Sibe nomhlangano neMbube ngoLwesine, lapho sinikeze khona incazelo ngalolu daba. Imbube yenelisekile ngencazelo yethu.”
Umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho uzolandelwa yinkulumo kaNtuli ngesimo sesifundazwe ezokuba ngoLwesihlanu.
UNksz Boyce uthe umcimbi wakulo nyaka uzohanjelwa abantu abangu-2 000, kanti uzosakazwa bukhoma eziteshini zomphakathi nasezinkundleni zokuxhumana.
Uthe bahlele ukusebenzisa u-R4 million kulo mcimbi.
“Sibonile ezinkundleni zokuxhumana kukhulunywa izinto ezingelona iqiniso, kuthiwa sihlele ukusebenzisa imali engaphezu kwaleyo esijwayele ukuyisebenzisa. Ngithanda ukuqinisekisa ukuthi angeke sisebenzise budedengu imali yomphakathi, angeke seqe ku-R4 million obekiwe.”