USEKHETHILE umrepha waseThekwini, uDuncan Skuva, kulandela ukunameka kwakhe isithombe eguqelwe yintokazi okukholakala ukuthi ubeyoyilobola namuhla.
Lo mrepha (26) ogama lakhe langempela, nguSphamandla Mbambo nobesematheni kuleli sonto emuva kwengoma ayikhiphile, iBIG Ndunu (umngcwabo), ufake isithombe nabhale ngaphansi kwaso ukuthi: “Sengiyikhile imbali ka Ntombela”.
Lo mbhalo ubuhambisana nemifanekiso yenhliziyo neyendandatho okuyikona okuqinise izinsolo zokuthi ubeyolobola.
Ngokuthola kweSolezwe, uDuncan ubeyolobola uNosipho Ntombela waseMlaza.
Yize kungacaci ukuthi banesikhathi esingakanani bethandana kodwa kunezithombe zangokuqala konyaka odlule bendawonye.
Emuva kokufaka kwakhe isithombe, abalandeli bakhe bazwakalise ukumjabulela ngaleli gxathu elisha alithathile.
UKhaye Nkwanyana uphawule wathi “Isonto lakho belimatasa kakhulu Skuva, nxazonke!”.
USiphokazi Dunywa uthe: “Siyakubongela Skuva njayami. Awu bakithi Nosipho siyanibongela”.
Kanti uSicelo Gumede uthe: “Wasebenza bafo angeke usaqotshiswa inyama”.
Mayelana nokugxekwa ngenhlamba engomeni yakhe abephendula kuyona uBIG Zulu, eziphendulela kwiVibe FM ohlelweni iVSide, uDuncan uxolisile kubalandeli bakhe yize ethi akwenzile kuwusiko lwe Hip-hop.