ISILOMO sikamaskandi uNjoko, sithi sethuke sadlubulundela embhedeni wasesibhedlela, saphuma sizwa isililo sabalandeli, kulandela ukuvela kwaso kwivideo silingisa indawo yocansi nentokazi.
UNjoko ogama lakhe langempela nguKhawulani Mbambo, ubuye ateketiswe ngeHobosha.
Uma echaza uNjoko uthi inkinga ayibonayo wukuthi imifanekiso yocansi ayijwayelekile kumaskandi, yikho okwenze abalandeli bakhuza babaza, umhlolo. Isolezwe ngeSonto liyibonile ivideo eveza uNjoko emagange nentokazi eyibambele eduze, akhumule asale ngesikhindi sokulala, bawotawotane nentokazi ayibuyise ngaphansi nangaphezulu baze bathathane nangesinqandu.
Bawotawotana njalo nentombi yengubo ebomvu, baze babukane ezinhlamvini zamehlo bakhombane.
Le video ihambisana necwecwe lakhe elisha elithi Isiziba. UNjoko wodumo lwengoma ethi Sengiqomile, uthi akukho okutheni okwenzekile, bebeshutha nje ngenhloso yokukhangisa icwecwe lakhe elisha.
“Ngize ngacela esibhedlela ngathi abangikhiphe ngoba bezingena izingcingo hhayi indaba yokudlala, abantu bekhuluma ngevideo.
“Yinto ehlala yenziwa ngabaculi kodwa abakamaskandi abakayijwayeli, yikho bekhala.
“Ngithe uma sengiyibuka nami ngabona ukuthi kuvele izinto kwaze kweqa khona ngoba okunye bengingafisi kuvele,’’ kusho uNjoko.
Uthe akanawo amahloni okuphumela emnyango abonwe abantu ngoba akonanga lutho futhi incazelo iqondile nje akukho akufihlayo.
Kwenzeka lokhu nje uNjoko odabuka eMshisandlu eNkandla, ubesesibhedlela ngenxa yengozi yemoto emehlele ehamba noMzukulu naye ocula umaskandi.
UNjoko utshele leli phephandaba ukuthi useyisukumela ngezindlela zesintu indaba yezingozi zemoto ezihlala zimehlela ngoba kuyacaca ukuthi ikhona inkinga.
"Ingozi engasinda kuyo ngonyaka odlule yangehlela ngesikhathi ingoma yami idla ubhedu namanje ngehlelwa enye ingozi.
“Kukhona kodwa engizama ukukulandela okufanele ngikulungise ngoba ngingumuntu wasemakhaya ogcina izinto,’’ kuchaza uNjoko.