UMSAKAZI wodumo ezinhlelweni zikamaskandi kwiMvula FM neSiyathuthuka FM, uNqobile "Modelkazi" Dlamini, uthi akabanqeni aqhathwe nabo kumaSebenza Women Awards.
UModelkazi (26) waseDumbe, ePaulpietersburg, uqokwe emkhakheni we-Best Social Media Influencer of the Year, lapho eqhathwe khona noDkt Ziphozenkosi Nzimande (ongunkosikazi kaDumi Mkokstad), uKhosi Thwala owawina kwi-Big Brother Titans nyakenye, uSnethemba Masondo noSni Mhlongo.
UModelkazi uthe yize ebahlonipha kakhulu aqhathwe nabo kodwa akabanqeni ngevoti ngenxa yokuthi akaconsi phansi emabhinceni.
"Ngiyazi amabhinca akalahlani. Wonke amathemba ami alele kuwo. Ngakho ngiyacela angivotele ngobuningi bawo ngoba le ndondo eyawo njengoba ngiwamele kulo mqhudelwano."
UModelkazi ubuye waqokwa kumaSatma Awards lapho eqhathwe khona nomlingisi woMkhokha, uHope Mbhele, umsakazi weJozi FM uPenny Ntuli, uZamambo Mkhize, uNasizo Mndende, uMgijimi noKgotso Mahlangu.
Ngaphandle kokusakaza eziteshini zomphakathi, uModelkazi useke wathola ingqayizivele yethuba lokusakaza neqhawekazi layo, uZimdollar Biyela kuKhozi FM.
Wathola leli thuba emuva kokuhlabana emncintiswaneni wokulingisa umsakazi woKhozi.
Akagcinanga lapho, ubuye wasebenza noZimdollar, Tshatha noNtombi Mzolo ohlelweni lwethelevishini iYash'Ingoma kuMzansi Magic Music.
UModelkazi uke wangena emzuliswaneni wamanqamu kwi-Winnie Mahlangu Next Female Presenter Search futhi waqokwa kuma-Satma Awards kwi-Best Community Radio Presenter.
Uzalelwe eWitbank, eMpumalanga, kodwa wakhulela eKZN. Ufunde eDuvha Primary, eMpumalanga, kodwa waphothula uGrade 12, eMuziwesizwe High, ePaulpietersburg. Esafunda ubelingisa enidlalweni yeshashalazi.
Ubuye abe ngu-DJ owakhipha ingoma ye-Afro house esihloko sithi Inhlonipho.
*Ukuvotela uModelkaz kumaSebeza Women Awards uthumela iSMS ebhalwe ukuthi Modelkazi Sebenza ku-31562 kanti kumaSatma uthumela iSMS ebhalwe ukuthi 045Satma19 Best Traditional Social Media Influencer ku-32436.