UYAZIPHENDULELA ngezinsolo zokweba ibheshu umculi ongakakutholi ukuphumula selokhu eshadelwe. UMampintsha ongumyeni kaBabes Wodumo impelasonto yonke usematheni ngezinsolo zokuthi unyamalele nebheshu likaNgizwe Mchunu osekwasala igama lokuthi wayengumsakazi.
UNgizwe ubonakala kwivideo ebalisa futhi ethukuthele ekhala ngebheshu lakhe aveza ukuthi beliboleke uMampintsha ngempelasonto edlule kade eshadelwa. UMampintsha eziphendulela ekhasini lakhe lika Facebook uveza ukuthi ubhucwa ngobende inyama engayidlanga.
"Ukhuluma nami noma kushelele ulimi mhlawumbe ngoba mina nginelami ibheshu engalithenga," kusho uMampintsha. UNgizwe ukhala kangaka nje ngebheshu uthi yingoba uyafuneka eNdlunkulu nokumangaza abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana.
Nayizolo ebusuku uNgizwe uphinde wakhala ngebheshu lakhe kuFacebook ethi: “hawu kodwa ibheshu lami.”
Selokhu nje eshadelwe uMampintsha akakaze akuthole ukuphumula nokuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule bekunenye ivideo yowesifazane ozibiza ngonina engcofa umkakhe emsola ngokusenga ezimithiyo ngokuthi uzithwele. UBabes wagcina esabise unina kaMampintsha ngokumvulela icala.
Umshado kaMampintsha noBabes kulindeleke ukuthi uvele ohlelweni ngempilo yabo Uthando Lodumo oluzodlala kuShowmax.