UMCULI kamaskandi, uKhuzani Mpungose, usexolise entsheni yesizwe sakwaButhelezi nge-video abonakala kuyo elingisa uMntwana waKwaPhindangene, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Kule video, esabalale ezinkundleni zokuxhumana, lo mculi ubonakala elingisa uButhelezi ngenkathi ekhuza abantu emhlanganweni wokwabiwa kwamafa esigodlweni KwaKhangelamankengane, KwaNongoma.
Exolisa lo mculi, uthe ubengazi ukuthi useyona ngokulingisa uButhelezi kwi-video esisabalele njengoba ukulingisa osopolitiki ngezinto esizematheni abazenzayo kuvamise ukuba yinto eyenziwayo.
“Iqiniso wukuthi bengingeke ngilingise isenzo esingesihle njengoba uMntwana wayemele uZulu emhlanganweni. Uma kungehlalanga kahle engikwenzile, ngiyaxolisa nasesizweni sakwaButhelezi nakuyena uMntwana,” kubeka uKhuzani.
Lo mculi uxolise ngemuva kokuthi intsha yesizwe sakwaButhelezi idlulise ukungagculiseki ngesenzo sakhe ethe isithatha njengokwehlisa isithunzi sikaShenge.
Esitatimendeni, le ntsha iphinde yanxusa abantu abanamabhizinisi ukuba baziqhelelanise nezinto ezibahlanganisa nalo mculi.
Isazi sezamasiko, uSolwazi Sihawu Ngubane, sithe yize kujwayelekile esikhathini samanje ukuthi abaholi balingiselwe, kepha kufanele abantu bayikhethe into yokudlala.
"Ngiyazi ukuthi esikhathini samanje wonke umuntu uyalingiselwa ezinkundleni zokuxhumana. Ngisho umengameli imbala uyalingiselwa. Uma uzobheka indlela isimo esasishube ngayo endlunkulu, akusiyo into ongahlekisa ngayo le. Njengoba sabona iSilo uMisuzulu kaZwelithini siphuma ngesamagundwane," kubeka uNgubane.
UNgubane uthe lento ayithinti nje abakwaButhelezi kuphela, kodwa ithinta isizwe samaZulu sonke.
Lesi sazi samasiko sithe bekungangcono ukuba uKhuzani uthe ukulinda kancane isimo sithi ukuphola ngaphambi kokuthi enze inhlekisa ngalolu daba.
"Lokhu kufana nokudlala ngegeja kuziliwe. Lolu udaba lubucayi. Ngabe kungcono ukuba uthe ukulinda kuze kugcotshwe iSilo, bese-ke enza ihlaya," kuphetha uNgubane.