UKHALA ngendlala umculi owashiya abathandi bomculi bengawuvali umlomo ngengoma ethi, Eyadini ngo-2018.
UManqonqo ogama lakhe langempela nguMlungisi Buthelezi, ukhala ngokuthi kufana nokuthi akayitholanga inzuzo (royalties) yize ingoma yakhe ibidlalwa ubuthaphuthaphu kuyona yonke imisakazo yakuleli. Elandisa iphephandaba uthi, wathola uR4 000 kuphela womvuzo ngengoma yakhe.
“Enye imali angazi nokuthi yashonaphi, ngiyakholwa ukuthi kunabathize abadla amandla ami,” kusho uManqonqo.
Uthi sinzima ngempela isimo kangangokuthi akazi ukuthi athathe ini ayihlanganise nani. Ukhale ngokuthi mincane kakhulu imicimbi yokujabulisa abantu ngenxa yeCovid-19. Uqhube wathi ngenkathi ekhipha le ngoma wayengenayo inkontileka nenkampani kodwa kuthe ngemuva kokwenza ingoma wabe esesayina inkontileka yokusebenzisana ne-UJU Records.
“Angazi ngempela ukuthi ngubani owadla imali yami phakathi kwe-UJU Records nomshicileli,” kuqhuba uManqonqo.
Umshicileli ocele ukuba ligodlwe igama lakhe, uthumele Isolezwe ngeSonto iscreenshot se-email evela kwiSouthern African Rights Organisation (Samro) efundeka kanje:
“Sicela wazi ukuthi besiphenya ngesicelo sakho mayelana nengoma ethi Eyadini, kodwa kuthina kuvela ukuthi ingoma yakhokhelwa. Kuvela nokuthi akuwena umshicileli wale ngoma. Sicela ukhulume nabanikazi bale ngoma osebenzisane nabo.”
Uqhube wathi ngenkathi efaka isicelo imali ibisivele seyaphuma. “Le mali kuthiwa yaphuma ngo-2018,” kubeka umshicileli.
UMnuz Siyanda Ngubane ongomunye wabasunguli be-UJU Records uthe imali eyangena kubona uR4 000. Imizamo yokuthola abakwaSamro ibhuntshile njengoba ucingo lwabo belukhala lungabanjwa, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.