UCELA kuhlonishwe izindaba zakhe umculi wakuleli ophenduke undaba mlonyeni ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuthi uZodwa Wabantu eveze ukuthi wake wazitika naye ngokocansi. Ilungu leBlack Motion uThabo Smol ucela abantu baphume ezindabeni zakhe futhi bayeke ukugaxelisa unina wengane yakhe ngoba akahlangene nalolu daba. UThabo usho kanje kulandela ukuthi uZodwa Wabantu eveze ukuthi wake walala naye, lokhu ubekusho kwingxoxo ebenayo noLaSizwe ohala ekhuluma nosaziwayo ezinkundleni zokuxhumana.
UThabo uthe akaziphiki izinsolo zokuthi walala noZodwa Wabantu kodwa lokho akuhlangene nakancane nonina wengane yakhe. Ubesho kanje kulandela ukuthi nabantu ezinkundleni zokuxhumana bengazibekile phansi bemgxeka ngokuthi akathembekile ngokulala noZodwa Wabantu ekubeni unonina wengane. UThabo uthe kuyamangaza ngoba sekukhulunya sengathi into eyenzeke manje lena futhi nabantu sebejahe ukuthi aziphendulele ngalezi zinsolo. " Uhlangothi lwami...hloniphani umndeni wami. Cha, akwenzekanga emasontweni amabili edlule,"kusho uThabo.
Kwivideo ayiqophile wayinameka emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana okubalwa no-Instagram ugcizelele ukuthi kukhona konke unina wengane yakhe akangene kulezi zinsolo. " Okukuqala nje kumele nihloniphe unina wengane yami ngoba akahlangene futhi wayengekho. Hlukanani negama lakhe ngoba ngangingathandani naye futhi wayengekho engangithandana ngaleso sikhathi nokwenza ngenza lokhu engakwenza,"kusho uThabo.
Abantu balokhu bephawule njalo bemvuma uThabo nangokumela iqiniso kodwa babodwa abathi bekungafanele azikhathaze ngokuchaza ngenxa yengcindezi ayifakelwa abantu ezinkundleni zokuxhumana.