UMCULI owaphuma isibili kuma-Idols SA, uMthokozisi Ndaba, ugxekwe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana emuva kokubonakala kwi-video edansa aze ashaye amavosho efequza enkonzweni yomngcwabo ka mkhwekazi wakhe.
Isolezwe lithole ukuthi uMthokozisi ubeduduza izithameli emngcwabeni kaNkk Nomsa Patience Sibaya obuseProtea North, eSoweto, ngesonto eledlule. Indlela abegwaba ngayo ishaqise nomfundisi kanye nengoduso yakhe engumlingisi wodumo kuLuthando neLockdown, uNandipha Sefoloko.
Ebuzwa ngalolu daba, uMthokozisi uvumile ukuthi uyibonile imibono yabantu ikakhulukazi kwi-video ka-TikTok esibukwe ngabantu abangaphezu kuka-1.4 million.
"Ngikubonile ukudideka kwabantu. Empeleni laphaya bengicula, ngivalelisa kumama obengimthanda kakhulu. Ungikhulisile futhi wayehamba phambili ekugqugquzeleni abantu ukuba bangivotele kuma-Idols eGoli. Sisuka kude kakhulu naye uMam' uSibaya. Aphinde abe ngumkhwekazi wami."
UMthokozisi uthe abantu abazi ukuthi okwenze wamvalelisa kanje umkhwekazi wakhe, wathi yingoba bebezifela ngomculo nokudansa, ngakho ubemvalelisa ngento abeyithanda.
Eqhuba, uMthokozisi uthe akubona bonke abantu abantu abamgxekile kodwa abanye bamncomile ngoba bechazwe yingoma.
"Kukhona abangofonelile, abanye bangithumelela imiyalezo bengigqugquzela ukuba ngiyiqophe le ngoma ukuze idayiswe ezitolo zomculo."
UMthokozisi uthe uxhumane nozakwabo uLindani Gumede bangena e-studio lapho beqophe khona le ngoma esihloko sithi Akuvumi Welele.
"Ngizoyikhipha ngempelasonto esiya kuyo. Izotholakala ezitolo zomculo ezisezinkundleni zokuxhumana," kuphetha uMthokozisi owaqala ukwaziwa esenguMusa SA ngesikhathi ebamba iqhaza engomeni kaDunan ethi Khaya Lami, ayehambisana kuyo noZakwe, Pro Kid noRed Button.
Esehamba yedwa, ukhiphe i-EP esihloko sithi Nandipha futhi eyayigabe ngamanoni athi Ngimfumene nethi Yizwa Imithandazo.
UMthokozisi ubuye wabonakala elingisa kweminye imidlalo yethelevishini, okukhona kuyo nothi Zimele.