IZINGWAZI zamaciko akuleli zibanjiswe udonga ngabagqugquzeli bomqhudelwano wabaculi abasafufusa, Ushuni Womhlaba.
Isolezwe lithole ukuthi izinkakha ezinjengomculi kamaskandi, uBuselaphi Buthelezi-Gxowa, Moses "Black Moses" Ngwenya we-Soul Brothers, Hilda Tloubatla waMahhotela Queens, Sho Madjozi, Phuzekhemisi, CiCi, noBig Zulu nabawina kulo mqhudelwano abakatholi ngisho indibilishi ngokubamba iqhaza emncintiswaneni owawukhonjiswa kwi-SABC 1.
Uhlelo lomcimbi lwaluphethwe ngobengumsakazi woKhozi FM, uMandla "Njinji" Magwaza, nomsakazi weMetro uMpumi "Msakazi" Mlambo.
Abaculi abasacathula baqala ukudlana imilala kusukela ngoJulayi 7, kwaze kwashaya u-Okthoba 20, nyakenye. Sekungumlando ukuthi owadla umhlanganiso kwaba ngumculi waseGqeberha, e-Eastern Cape, uJoliza Bhacasoul, owathenjiswa isamba sika-R500 000, isivumelwano sokuqopha kwi-Gallo Music, nokucijwa ngongoti emculweni.
Isibili sathathwa wuLindo Jay Music owathenjiswa u-R300 000, kwathi uGudaazi wathenjiswa u-R200 000. Umthombo uthe nalaba baculi bagiya babuya nganeno ngoba nabo abakayitholi imiklomelo yabo.
UBlack Moses uvumile kwiSolezwe ukuthi akakawutholi umholo wakhe ekubeni asebenza izimpelasonto ezimbili
"Namanje angikakhokhelwa. Uma sibafonela abasazibambi izingcingo zethu. Kuyangethusa kakhulu ukuthi kusekhona abantu abasadlala ngabaculi ngalolu hlobo."
Ethintwa uBuselaphi uvumile ukuthi akakakhokhelwa wathi bathi basalinde imali. Abanye banqabile ukuphawula.
Ebuzwa umqondisi womqhudelwano uThabo Mphela, ukuthi basawakweleta yini la maciko abalwe ngenhla uthe: "Yebo, besingakabakhokheli bonke imiholo egcwele."
Uthe kuwuhubhu lukabhejane ukuthi sebebalekela izingcingo zabo.
"Akunamuntu engiziba izingcingo zakhe futhi ngixhumana nawo wonke umuntu. Kunezizathu ezihlukahlukene ezenza inkokhelo ilibaziseke. Kunemali esiphuze ukuyithola futhi sasuke sasebenzisa seqisa emalini eyayibekelwe uhlelo olwedlule. Senze izinhlelo zokuthi siqedele izikweletu ngaphambi kokuphela kukaFebhuwari,“ kuphetha uMphela.