KUSAZOPHELA izinyanga ngaphambi kokuthi isilomo seMamelodi Sundowns neBafana Bafana, uThemba “Mshishi” Zwane, sibonakale enkundleni kwazise indlela esalimala ngayo inzima futhi sidinga ukunikwa sonke isikhathi ukuze siphole ngokwanele.
UZwane (35) ugcine ukubonakala enkundleni emdlalweni weBafana neCongo-Brazzaville ekuhambeni ezinyangeni ezintathu ezedlule lapho alimala khona umsipha ohlanganisa izithende nesihluzu.
Ngenxa yokuthuthuka kwezinsiza ezisetshenziswa ngodokotela bomhlaba ekulimaleni okwahlukene kwabadlali, bekunethemba lokuthi iSundowns izosebenzisa ukushona kwephakethe layo ukuze uZwane abonakale enkundleni. Nokho inkulumo yomqeqeshi, uMiguel Cardoso, ikuvezile ukuthi kusekude kunalokhu obekulindelekile.
Ubekhuluma emuva kokuthi iSundowns ibambane ngo 1-1 ne-AS FAR yaseMorocco kowokusonga iqoqo kwiCaf Champions League. Ikucacisile ukuthi abakhohlwe abacabanga ukuthi uZwane uzobonakala enkundleni maduze njengoba sekujwayele ukwenzeka ebholeni lomhlaba. Emasontweni adlule kusabalale i-video kaMshishi ejatshulelwa ngozakwabo kwiSundowns efika ejimini yaleli qembu.
“UZwane akagcini ngokubaluleka kithina kodwa siyaqonda ukuthi nakwiBafana nguyena othwele amathemba esizwe ngakho-ke imibuzo ngaye yamukelekile,” kusho uCardoso esithangamini nabezindaba.
“Okunye okusemqoka ukukubalula wukuthi uZwane walimala kanzima nangendlela ebucayi. Njengamanje akudingayo ukunikwa ithuba elanele lokululama ngoba ukumjaha kungase kone okuningi.
“Kusazothatha isikhathi ukuthi abonakale enkundleni ngoba simelwe wukuqinisekisa ukuthi konke okwenziwayo ngalokhu kulimala kubekwa impilo yakhe phambili,” kusho uCardoso.
ISundowns iqhwakele kwiBetway Premiership kodwa imiswe kabi-Orlando Pirates abangase baqhathwe nayo nakwi-quarterfinal yeChampions League.
Iqede endaweni yesibili eqoqweni layo okunguGroup B kanti iPirates iqede iqhwakele elayo kuGroup C okwenza kube nethuba lokuthi lezi zinkunzi zinqwamane.
UCardoso uveze ukuthi kulezi zinyanga ezimbili okuzobe kumiwe ngazo kwiChampions Legaue, yena nezakhe bazogxila kakhulu kwiligi nakwiNedbank Cup.
Namuhla ngo-7.30 ebusuku ompetha beligi bazovakashela iMagesi FC koweligi e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Lo mdlalo uzolandelwa ngowe-Last 32 yeNedbank neSibanye Golden Stars yaseFree State ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, eLoftus Versveld, ePitoli.