UKWANDA kwezigameko zokuhlukumezana nokukhulelisana kwabafundi ezikoleni zakuleli sekusukumise nosaziwayo babona kufanele bayokhuza lesi sihlava.
Phakathi kwamaciko abone kufanele ababaze lomhlola kubalwa uDJ Sox, Holly Rey, Tzozo, uSparks Bantwana, Bahubhe, Ithwasa Lekhansela, uMjabulisi, uSandile Dlamini owayenguPhakade kwiMbewu, uScrewdriver woZalo, uNomfundo Ncwane weNtokozo FM, uGadla, uSethu Mabaso owayenguBra John kwiDurban Gen nabanye.
Ngalo Msombuluko lamaciko azobe eqwashisa futhi ekhuthaza abafundi baseMasibambane Secondary, eFolweni kusukela ngo-10.30 ekuseni.
Umgqugquzeli walo mkhankaso, uClerkson Mfanafuthi "MC Mavala" Mbatha the okubasukumisile ukubona izinga lemfundo lehla ngenxa yezigameko ezifuze lezi kanye nezidakamizwa.
Uthe yena njengosihlalo wophiko lwezemfundo kumfekandawonye wamasiko, iCreative and Cultural Industries Federation of South Africa (Cicfsa) ubone kungcono ukuba bangenelele njengosaziwayo ekunqandeni lemikhuba engasile ezikoleni ngoba iphazamisa ukufunda nokufundisa.
"Ngibone ukuthi uma kuyathina njengosaziwayo ezikoleni kuzobalula ukuba abafundi basilalele. Bazothi bejabulela ukubona osaziwayo bebebefunda ngakolunye uhlangothi."
Esephetha uthe lomkhankaso awuzogcina eFolweni kodwa uzodlulela nakwezinye izikole zakwezinye izifunda. Ngaphandle kwalo mkhankaso, uMC Mavala yinsizwa esisebenzile kulo mkhakha njengoba seyibuya nakoDkt Mbongeni Ngema neLadysmith Black Mambazo emisebenzini yezobuciko.