OBENGUMLINGISI weSibaya, uCeleste “Queen of the Zulu Comedy” Ntuli, akakholwanga ethola ingqayizivele yethuba lokumela abantu besifazane base-Afrika emunxeni weBest Comedian of the Year kuma-Africa Choice Awards. UCeleste (42), obenguSiphokazi Zungu kwiSibaya, uthe lokhu kwenzeke kahle njengoba kuleli kugujwa inyanga yabantu besifazane.
"Ukuqokwa kulo mqhudelwano kungethusile kodwa kwabuye kwangijabulisa kakhulu ngoba bengingazi ukuthi amahlaya ami ayabukwa e-Afrika. Ngithole manje ukuthi iShowmax ibukwa e-Afrika namaphethelo. Okungenza ngiziqhenye kakhulu ukuthi osomahlaya engiqhathwe nabo basezingeni lomhlaba." UCeleste waseMpangeni udlana imilala nosomahlaya besilisa kuphela okungo-Idris Sultan waseTanzania, uBusket Mouth waseNigeria, uClemento Suarez waseGhana, uDKB waseGhana noBovi waseNigeria. Uthe uqokwe kahle kulo munxa njengoba esagxile emkhakheni wamahlaya.
"Ngisamile ezinhlelweni zethelevishini kulezi zinsuku. Ngisajabulela ukuba yimi. Bese ngikhathele ukulingisa izindawo zabanye abantu. Ngisematasatasa nokukhiqiza amahlaya amasha. Sengiphazanyiswa wuCyril Ramaphosa ngokuvala izwe." Uthe abantu abacijise izindlebe ngoba kunokukhulu okuzayo ngaboDisemba. Le ntokazi isanda kushiya ababukeli boMzansi Magic bengawuvali umlomo ngobuchule ebukhombise yethula uhlelo lwezemishado i-Our Perfect Wedding: Gift of Love. Ubonge kakhulu umdidiyeli omkhulu walolu hlelo uBasetsana Kumalo ngokumnikeza ithuba.
"Wayekade ayenginxenxa ukuba ngizokwethula lolu hlelo kodwa ngesaba ngenxa yokuthi bengingakaze ngethule uhlelo lwethelevishini. Ngisizwe yiCovid-19 ngoba yiyo engenze ngathi ake ngikhombise elinye ikhono." Uthe yize abesebenza futhi ekuholela lokho kodwa ubesesikoleni.
"Ukwethula lolu hlelo kungivule umqondo wokwazi ukuthi kunezinto ebesingazigubhi njengobudlelwano babantu abamnyama. Kulolu hlelo ngithole ukuthi inqwaba yabantu abamnyama abathandanayo nabawa bevuka nezithandwa zabo. Njengomuntu oseyimpohlwa ziningi izinto engizifundile neziyongisiza uma sengithole umaqondana ukuze ngesekele uthando lwethu." Uthe kufanele kukhuthalelwe ukugujwa kothando lwabantu abamnyama ngoba kuze kube sengathi abanalo uthando ngenxa yokuthi ubudlelwano babo bushaywa indiva.