IZOGADLA ngabasha isizini yesithathu yabesifazane abahlala ezindaweni zomntakabani ababonakala ohlelweni i-The Mommy Club olukhonjiswa kwi-Showmax.
Lolu hlelo lukhuza ibuya kulesi siteshi kusuka ngoFebhuwari 15.
Kule sizini entsha kuzobonakala uMrs J, Pheladi, Noksie, noVuyi.
UHappy Simelane noMrs Sande yibona abazobonakala eziqeshini njalo ezizokhonjiswa, kuthi uNozipho noMrs Mops bona bavele izikhawu ezehlukene.
UMrs J uveze ukuthi bese kuyisikhathi efisa ukuba yingxenye yalolu hlelo njengoba lugqamisa abesifazane nezingane zabo.
“Ngingumuntu wesifazane oyisangoma, ngiphinde ngihole ibandla futhi. Ngijabule ukuthola ithuba lokuba kulolu hlelo njengoba bese kuyisikhathi ngilulandela kusuka luqala.
“Engikuthanda ngalo indlela olugqamisa ngayo impumelelo yabesifazane kanjalo nempilo yabo nezingane zabo ukuthi baphila kanjani usuku nosuku," kuchaza yena.
Uthe ngesikhathi luqala wavele waba nesifiso sokuthi abe yingxenye yalo njengoba naye efuna ukugqamisa ukuthi ungaba kanjani ngowesifazane oyisangoma, umfundisi, usomabhizinisi uphinde ubheke umndeni wakho.
UPheladi osanda kuhlukanisa emshadweni wakhe, ongumama wezingane ezimbili, uveze ukuthi ukushada eneminyaka engu-23, yikhona okumenze waba yingxenye yalolu hlelo.
"Ngifuna ukuveza emphakathini izingqinamba zowesifazane oke wawa bhu waphinde wavuka wazithintitha. Njengamanje ngingusomabhizinisi osemkhakheni wezolimo obheke phambili empumelelweni.
“Ngifuna ababukeli babone ukuthi noma impilo ingakubeka kuphi, izinto ngelinye ilanga ziyolunga. Nami ngila ngikhona nje yingoba ngidlule ezimweni eziningi,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ufuna nokususa uchuku ukuze uhlelo luthakaselwe ababukeli.