UKUHLEHLISWA kwenqwaba yemidlalo ye-Orlando Pirates, kungase kuliphazamise iqembu ngasekupheleni kwesizini ngoba lisembangweni wezicoco ezintathu.
EZimnyama zisele ngamaphuzu angu-12 kwiMamelodi Sundowns kwiBetway Premiership kodwa zisele ngemidlalo emithathu.
Njengoba amaSandawana ezobhekana neSekhukhune United koweligi kusihlwa, kungenzeka kusongwe usuku lwanamuhla iqembu lasePitoli, selihamba phambili ngamaphuzu angu-15, selidlale imidlalo emine ngaphezu kwePirates.
Okwenza ezikaMagebhula zingadlali maphakathi naleli sonto wukuthi bekufanele zibhekana neRoyal AM kodwa iThwihli Thwahla ayikabuyeli enkundleni selokhu imidlalo yayo yamiswa yiPremier Soccer League (PSL) ngenyanga edlule.
Imidlalo yePirates esihlehlisiwe ngobekufanele iwudlale neSekhukhune ngoDisemba, emibili obekufanele iyidlale neRoyal AM, noweLamontville Golden Arrows. Owe-Arrows uhlehliswe ngesonto eledlule ngenxa yokuthi inkundla iMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ibigcwele amanzi.
IPSL ayikacacisi ukuthi le midlalo isizodlalwa nini.
Ngokwezinhlelo zePSL imidlalo yeligi kumele isongwe ngoMeyi 24. Owamanqamu weNedbank Cup kubhekwe ukuthi udlalwe ngoMeyi 21.
ISundowns izodlala kwiFifa Club World Cup ezoqala ngoJuni 14, iphele ngoJulayi 15. Lokhu kungenzeka kuluphazamise uhla lwemidlalo yePremiership.
IPirates isekhona nasembangweni weNedbank Cup, lapho izodudulana neSuperSport United kuma-quarterfinal. Iphakathi nakuma-quarterfinal eCaf Champions League lapho iqhathwe neqembu lase-Algeria, iMC Alger.
Enye yezinselelo ezinkulu iPirates engabhekana nazo ezinyangeni ezizayo wukukhathala kwabadlali. Leli qembu lingazithola selidlala imidlalo emithathu esikhathini esiyizinsuku eziyisikhombisa nokungakhuphula amathuba okulimalala kwabadlali.
Ngaphezu kwalokho, ukuminyana kwemidlalo kunganciphisa isikhathi sokuyilungiselela. Umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, angazithola esenesikhathi esincane sokuhlanganisa amaqhinga abazowasebenzisa emidlalweni ehlukene, kanjalo nesikhathi sokudlulisela lezo zinhlelo kubadlali ukuze baqondisise okufanele bakwenze enkundleni.
Nakuba iqembu lisanemidlalo elingakayidlali kwiligi kodwa ukusala ngemuva ngamaphuzu amaningi kungase kwandise ingcindezi kulona, kube nzima ukuthi igcine iyificile iSundowns.