KUHLUKANE imibono, kwaphakama imiboya kosaziwayo ngodaba luka-Ayanda "Tamara" Mzimela wodumo kwi-TikTok.
Umsakazi weMetro FM, uSomizi "Somgaga" Mhlongo, ukujabulele ukuvela kwamanyundululu ngempilo kaTamara ngoba izinkulumo zakhe bese zimume emphinjeni.
USomizi uthe ubelokhu ewabona ama-video kaTamara kodwa engawashayi mkhuba ngoba ubezitshela ukuthi akudokwe ligayelwe yena.
"Kodwa beyingidla ngaphakathi. Ngizibuza ukuthi kungani le ntombazane idinwe kanje, ibukela phansi abanye abantu besifazane? Izama ukujabulisa amadoda."
USomizi uthe izinkulumo zikaTamara ziveze ukuthi into oyishoyo ayiyona inkinga kodwa inkinga ukuthi uyisho kanjani.
"Kunabantu abanjengoNtsiki Mazwai noJulius Malema. Isikhathi esiningi bakhuluma iqiniso kodwa inkinga yindlela alibeka ngayo."
Uthe izinkulumo zikaTamara zicekela phansi abantu besifazane sengathi bazenza bona.
"Sengathi bavele bazilala bona balahlekelwe wubuntombi futhi bathole izingane. Ekubeni kuyinto eyenziwa ngabantu ababili."
Uthe kumjabulisile ukuvela kwamahlazo kaTamara ngoba uzofunda ukunaka izindaba zakhe. USomizi uthe ngamanga ukuthi owesifazane osezele wehlelwa yizinga.
Esephetha uSomizi uthe kufanele ngabe uTamara usebenzisa izinkulumo zakhe ukululeka amadoda ngendlela okufanele aphathe ngayo abantu besifazane.
Owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, uthe yena uyofa lapho kufa khona uTamara ngoba uhlikiza izidleke zamayengandoda.
"Nelengqwele liyopha. Le ngane inikele ngobuze bayo. Laba kufanele afunde isifundo.“
UNgizwe ubuye wabonga abavundulule ama-video amadala kaTamara ngoba bebengeke bazi ngaye. Uthe noma ngabe uTamara walala nensizwa yasePakistan ngoba efuna ithini lesishebo, akudokwe ligayele bona. Uthe uyayinyanya into yokupeqululwa kwezinto zabantu.
Esephetha, uNgizwe uthe akavumelani nokuthi uTamara athi umuntu wesifazane wehlelwa yizinga uma esezele, uthe umncoma ngokuveza imikhuba yamayengandoda aqola abesilisa izizumbulu zemali ayokwakha emakubo, indoda isale incela isithupha.
Udaba lukaTamara luqale ukushisa ngesikhathi egxekwa nguMaMbovu - odume kwi-Tik Tok. Kube sekubakhona abamsabisayo kwabe sekuhlanganiswa umnikelo wokumthengela imoto. Wathengelwa imoto, i-iPhone 16 Pro Max 1TB Titanium (R43 499), watholelwa onogada beMboma Security Services futhi wanikezwa izifundo zamahhala zokushayela. Abanye osaziwayo abaseke uTamara ngoSiya Myeza, Tshatha Ngobe, Mthandeni SK, Mzukulu nabanye.