KUPHELE nasozwaneni eshonelwa unina eseqala ukuchuma umculi onengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku. U-Andile "Didablk" Sibiya waseMpophomeni onengoma ethi Imicabango ayicula noLuyanda Deekay Khumalo uculele unina okokugcina ngempelasonto edlule emvalelisa.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi eseqala ukuvuna izithelo ngokusebenza kanzima iminyaka emculweni kodwa engaphumeleli. UDidablk ungene emculweni ngo-2007 waze waqala ukubona umehluko ngo-2012.
Uveza ukuthi nokusebenzisana kahle noLuyanda yikhona okwenze le ngoma yaba sezingeni.
" Le ngoma ngiyibhale noLuyanda ngoMashi nyakenye sibuka ubunzima esibhekene nabo sizama impumelelo emculweni. Bekungelula ngoba bekuyisikhathi lapho wonke umuntu ebenezinkinga kakhulu. Sabhala sayihlanganisa uTnas Africa wasihlanganisela izinsimbi. Uma sikhuluma iqiniso uSiyabonga Mpungose uyena owenze saphumelela," kusho uDidablk.
Echaza ngokushona kukanina, uthe kuvele kwahlwa emini nenjabulo yaphenduka izinyembezi. Ngosuku Imicabango eyathatha ngalo indawo yokuqala emsakazweni iGagasi FM kwakuwusuku okwakufika ngalo isidumbu sikanina.
Ingcindezi yengqondo ngenye yezinto abebebhekene nayo laba baculi emuva kokuthweswa iziqu zeMarketing Management kodwa bengawutholi umsebenzi.
"Saqala ibhizinisi lokushuthela abantu imicimbi, imali esiyithola khona siyisebenzisa ukuhlanganisa umculo. I-albhamu asikakabi nayo kodwa iphupho lethu ukuyihlanganisa kulo nyaka. Sifisa le ngoma isikhulise isivulele neminyango ebivalekile ngoba kuzosiza nabanye emphakathini," kusho uDidablk.
Laba baculi sebenayo inkampani yabo iTop Notch ezokwengamela yonke imisebenzi yabo emculweni. Lokhu bafuna ukugwema izinkinga zokusebenza ngaphansi kwezinkampani zabanye abantu nokugcina sekuphindisela emuva abaculi sebephumelele.