Nkosikhona Cele
IDINWE iyaveva inyanga esencane uSiboniso Zulu, odume ngelikaBhodlumlilo, ithi inengwa yiGcokama Elisha elikhwela lidilike kuyona kwivideo esisabelele ezinkundleni zokuxhumana, ngenkathi kunomcimbi wenye inyanga, uDkt Khehlelezi ngeledlule.
Le nyanga isisabise lo mculi kamaskandi ngokuthi lapho abayohlangana khona koqhuma nhlanvana ezinye ziyofekela ngoba ithi ayazi ukuthi kufunwani kuyona.
Igcokama lingcofa le nyanga lithi likhathele yilezi zinyanga ezicabanga ukuthi omaskandi bangaphila ngazo. Lithe lona alikaze liphunyeleliswe yinyanga selokhu langena emculweni.
“Mina ngingumaskandi okholwayo anginayo inyanga. Anginaye uBhodlumlilo kodwa nginomngani wami uDkt Khehlelezi osiza abantu ngezimo ezahlukahlukene ababhekene nazo empilweni,’’ lizwakala lisho kanjena iGcokama kule video.
Le nyanga ithi igama layo akusilona elokuthi libizwe noma kanjani futhi noma yikuphi.
“Kungiphatha kabi futhi kuyangicasula ukuthi uma indoda ineme emzini wenye indoda bese ijabula ngegama lami. Lo mfanyana omncane oyiGcokoma, impela uzongifunda angiqonde. Lapho esohlangana khona kuyodela umakhasana kuyocaca ukuthi ungumfana mina ngiyindoda,’’usho kanje uBhodlumlilo.
Eqhuba uthe uma eseqedile ngeGcokoma uyobe eselikhangeza inkulungwane yamarandi ukuze likwazi ukuyopholisa izinhlungu ngawo.
Lithintwa iGcokama ngalokhu, liphendule ngokugigiyela. “Yini yona leyo okuthiwa nguBhodlumlilo. Yini yisaka noma umshini thizeni. Hhayi mfowethu mina anginaso isikhathi sezinyanga futhi angisiyena umngani wazo,’’ lisho kanje iGcokama.
Kuthe uma intatheli ibuza iGcokama ukuthi likusho kanjani ukuthi alizwani nezinyanga ekubeni libonakale emcimbini kaKhehlelezi? Lawuziba umbuzo lagcizelela ukuthi akukho elingakukhuluma ngomuntu elingamazi futhi eliqalayo ukuzwa ngegama lakhe.
Kuthe uma ebuzwa ukuthi ukhuluma kanjani ngomuntu angamazi wathi intatheli iyamphazamisa umatasa nokuzivocavoca ejimini.