KUVUKE umunyu enkonzweni yesikhumbuzo yomfundi wezindaba kwiMetro FM, obephinde abe ngumethuli wezinhlelo zethelevishini ngesikhathi kudedelwa ivideo ekhuluma ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanjalo nezinkinga ezikhungethe umphakathi.
Inkonzo kaNtombifuthi Pearl Shongwe, ebibanjelwe eSABC e-Auckland Park, namhlanje beyihambisana nosizi emndenini, izihlobo, abangani nabalandeli. Emuva kwezikhulumi ezimbalwa, okubalwa namalungu omndeni, kudlalwe ivideo ehambisana nemibono neziyalo zikaPearl.
Umculi wokholo, uLebo Sekgobela, okuvele ukuthi uPearl ubezifela ngomculo wakhe, ubeyiphelezela ngezingoma zakhe le video. Kushintshe isimo kwavuka umunyu kubantu nokube wumzuzu onzima kule nkonzo. UPearl ushone ngesonto eledlule elele nokuyizindaba ezashaqisa abaningi.
"Umuntu engichithe isikhathi esiningi naye uPearl. Kuzoba nzima ukukhuluma ngaye ngaphandle kokufaka okwethu. Ngasondezwa kuye yizinto eziningi eziwubuwula nezingebona. Bekungahambisani nezothando futhi wayengeke avume," kusho uWilson B Nkosi, kuhlekwa.
Uthe ukusondelana kwabo bekubenza babe ndawonye isikhathi esiningi baxoxe eside isikhathi ngezimo zempilo ezahlukene.
Kuthiwa uPearl nengqephu ubungeke ubahlukanise, ubeze aqhudelane nabanye ozakwabo emsakazweni kuhlekwe kube mnandi.
Izakhamuzi zakuleli zilokhu ziwududuze njalo umndeni ngokudlula kwalo msakazi. " Uphumule kahle Pearl, ubunomoya omuhle uzithobile," kusho uPalesa P.
"Ulale kahle ntokazi enhle, sizohlala sikukhumbula," kusho uNoloyiso Zenzi. Ozokwabo bale ntokazi baveze ukuthi ubekuthanda ukuhlala exhumana nabantu ekhuluma nangezifiso zakhe. Ukuhlala ethola imibono yabantu ngezinto eziningi ezithinta impilo. Umdwebi wodumo, uRasta, naye kukhona umdwebo ahloniphe ngawo uPearl.