IZINTOKAZI zakuleli, uNombulelo Fox noKamogelo "King.Grrrr" Motlhabane, ziyingxenye yosaziwayo ebebevelele enkundleni yokuxhumana ebizwa ngoTikTok nyakenye.
Labo saziwayo bazobe beqhudelana nozakwabo bakwamanye amazwe ase-Afrika kumaTikTok Awards aseGoli namuhla.
UNombulelo noKamogelo baqhathwe noFlagoraz waseKenya and AnchiVibes waseNigeria emkhakheni we-Entertainment Culture. Abanye bakuleli abaqokiwe ngoCarlin Meyer owaziwa kakhulu ngelikaCampsBayGirl, emunxeni weTravel. Yena uqhudelana noFaith Mutune waseKenya no-Edward Wonder waseNigeria. I-Life With Lerato ingene eqoqweni labagabisa ngokudla futhi iqhathwe neTSpices Kitchen yaseNigeria neSimple Yemi yaseKenya.
IMKK iqokwe kwiBreakthrough Artist of the Year lapho idlana khona imilala ne-Ogechi yaseNigeria neSet It yaseKenya.
Uhlelo lwalo mcimbi luzobe luphethwe wusaziwayo wakuleli, uPamela Mtonga, kanti intokazi yamapiano, uZee Nxumalo, izobe ingomunye wabaculi abazobe benandisa.
UZee uthe izithameli azilindele lukhulu kuye ngoba uzifihlele induku emqubeni.
"Kunokukhethekile engikuhlelele lolu suku. UTikTok udlale enkulu indima ohambweni lami futhi ngiyayithanda indlela ohlanganisa ngayo amaciko nabalandeli. Sengikulangazelele kabi ukwenza engidume ngakho esteji," kusho uZee.
Isikhulu salo mqhudelwano, uBoniswa Sidwaba, sithe lo mqhudelwano uwukugubha okusemqoka, ubuciko nokuxhumana kwabantu okuyinto ekhuthazwa wuTikTok.
"Amaciko ethu awenzi i-content kuphela kodwa abuye enze izinguquko, angosomabhizinisi futhi angamanxusa amasiko. Sesikujahe kabi ukuveza ikhono elisijabulisayo nelisixhumanisayo esifundeni," kuphetha uBoniswa. Ukuvota kuvalwe ngoDisemba 31.