UMCULI wakuleli osezinze phesheya kwezilwandle uToya Delazy uveze ukuthi uhlanganisa unyaka engabuthi mbibi, utshwala. Lokhu kulandela isinqumo asithatha sokushintsha impilo yakhe emuva kwesikhathi eside ephuza utshwala.
UToya uveze ukuthi waqala eneminyaka ewu-17 ukuphuza utshwala kwaze kwaba ungena endimeni yomculo nokuyilapho ayesebuthola kalula. Ukungena kulo mkhakha kwakuza nezinkinga, wagcina esesebenzisa utshwala ukuzama ukumelana nezimo ayebhekana nazo ngaleso sikhathi.
"Ngazizwa sengathi ngilahlekelwe yigugu lami eliyintandokazi. Ngabhekana nakho ngoba njalo uma ngibuka indodakazi yami, ngangazi ukuthi ifanelwe ukuphila ngokukhululeka ezimeni engidlule kuzo. Ngangingafuni kudlulele nakuyo ngokwesizukulwane, yayisindisa impilo yami. Namhlanje ngiqeda unyaka ngathatha lesi sinqumo. Ngiyaziqhenya, ngiyabonga nakunkosikazi wami ongesekayo kulolu hambo, nongoti," kusho uToya.
Le nkulumo ijabulise abaningi ngoba intsha ihlala ikhuthazwa ngokuthi iyeke utshwala. Inkosi Mangosuthu Buthelezi, engumkhulu kaToya, nayo yayihlale ikhuthaza intsha ukuthi ihlukane nophuzo oludakayo futhi kwavela ngisho emngcwabeni wakhe ngenyanga edlule.
Ukukhuluma kukaToya avuleleke, kuthinte abaningi nabo baveza izingqinamba ababhekene nazo ngophuzo oludakayo.
"Ngiyakubongela. Nami ngiyafisa ukuthola usizo," kusho uMawande Nzungane Zikhali.
UToya ukhuthaze uMawande ngokuthi akazame ukuzihlanganisa nabantu abanesifiso esifanayo futhi azobambisana nabo njengezinhlaka ezisiza abakulesi simo.
"Nginamahora awu-24 ngingaphuzile ngifisa sengathi ngingayeka. uNkulunkulu angisize," kusho uDerrick Mashoene Mosebe.