UMCULI wowokholo ophoxwe ngabantu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokubukisa ngowesifazane obecela ukuba amshade kwiFacebook, uthi ubezincokolela ngokuthi kuyena akekho ezingeni lakhe.
U-Ayanda Ntanzi (29) wodumo lwengoma ethi Ngena, uhlokoloze izinqandu ngesikhathi ephendula intokazi emceleukushada naye ngemuva kokuba enameke isithombesakhe egqoke isudi.
Impendulo yakhe icasule abaningi bathi unempakamo futhi uzenzangcono. Abanye bathe badabukela intokazi ethandana naye.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe ubengaqondile okubi ngenkulumo yakhe futhi ubezidlalela. Uthe wazi kahle kamhlophe ukuthi yena akekho nhlobo ezingeni lentokazi ephawule ngesithombe sakhe.
"Abantu ibadidile inkulumo yami. Mina bengichaza ukuthi yimi ongafanelwe ukushadelwa nguye usisi. Izinto ezifana nalezi ngizijwayelengoba abantu besifazanebanawo umkhuba wokudlala ngale ndlela ezinkundleni zokuxhumana. Akungicasuli mina ngoba ngiyazi ukuthi kuyadlalwa ezinkundleni. Ukube usisi ubengadlali ubengeke abhale esidlangalaleni, ubezoshiya umyalezo wakhe kwi-inbox," kuchaza u-Ayanda.
Eqhuba uthe, ubonga ukuthi abe nengoduso ewuqondayo umsebenzi wakhe nengazithathi izinto ezikhulunywa ngabasifazane ezinkundleni zokuxhumana izifake enhliziyweni.
Insizwa yaziwa ngamanoni ezingoma ezithi Nasempini, Basuka, Ziyezwakala nezinye kanti ingummeli kwenye inkampani yabameli enamahhovisi eThekwini.
Iphethe ngokuthi kumanje imatasa nezinhlelo zomjikelezo wokubungaza usuku lwayo lokuzalwa ngoMashi, ihlela ukuhambela amabandla ahlukene edolobheni.