NOKUBONGWA PHENYANE
UTHI ubengeke ashintshe indlela ayiyona uma esengene endlini kaBig Brother, uSiyabonga Mlangeni (28), waseMgungundlovu obaziwa ngelikaSwiss.
USwiss noBeekay waseQwaqwa, eFree State, yibona bobabili abakhishwe kulolu hlelo ngeSonto.
Yena noSweet Guluva waseNquthu bese beyithemba leKwaZulu-Natal ngokuthi oyedwa wabo angabuya nesicoco.
USweet Guluva oyintandokazi kwabaningi kubukeka kunguye osesele nomthwalo emahlombe okuthi aphinde aphakamise ifulegi lalesi sifundazwe njengoba uma enganqoba, iKwaZulu-Natal kuzobe kungokwesithathu isithola iminyaka ilandelana.
Ekhuluma neSolezwe uSwiss uthe akazisoli ngabekwenza endlini njengoba ebeyilo muntu anguye ngisho empilweni yakhe.
“Abantu uma bengisola ngokuthi ngiluhlaza, indlela engiyiyona nami bengingeke ngiziguqule ngibe umuntu engingeyena. Engingakusho ukuthi akulula ukuhlala kuleya ndlu njengoba ngosuku lokuqala kulapho ubona khona ukuthi ngaze ngazifaka entweni enzima, ngoba kunabantu abehlukene ongazi ukuthi banjani. Ubona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi lona unomsindo, lona uthanda ukuthula, lona unochuku bese kuyima ubona ukuthi uzobhekana kanjani nabo,” kuchaza uSwiss.
Uveze ukuthi akukho azisola ngakho ngokuba nobungani noSipha Lee, Luyanda no-Ezra abaduma ngeleBandana Boys, nabasolwa abalandeli balolu hlelo ngokudelela abanye endlini.
“Mina kukhona izikhathi engangibakhuza ngazo uma ngibona ukuthi bayaphuma endleleni. Kodwa ngiyabona ukuthi lokho abantu abakubonanga. Kwezinye izikhathi nami bengibuye ngihluthukelwe inhliziyo njengoba u-Uyanda bekungomunye umuntu ohluphayo futhi ongakwazi ukulalela abanye abantu. Noma sengiphumile angiziboni ngisondelana naye ngoba kuningi okwenzekile sindawonye. Kodwa ngizomnika isikhathi kungenzeka ngelinye ilanga sisondelane sizwane kodwa manje angiboni,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi njengoba abantu sebemanzi uzokhetha ukubuyela eGoli ngoba ufuna ukukhula emkhakheni wezobumnandi njengoba ebevele engumphathi wezinhlelo futhi ehlela nemicimbi.
USweet Guluva uthe umnike isithembiso sokuthi uzokwenza konke okusemandleni ukuthi uyawudla umhlanganiso.