NGEMUVA kokugxekwa ezinkundleni zokuxhumana intokazi ebonakale esiqeshini sesibili sohlelo iThe Real Housewives of Durban, uSanelisiwe “Sanesh” Bhengu ithe abantu abehlise umoya ngoba abasakubonile kuwubala, usazobonakala kakhulu eziqeshini ezizayo zalolu hlelo ekhipha amaqiniso.
Yize kubekhona abebebuzana ukuthi ungubani, le ntokazi ayiyintsha kwithelevishini njengoba yake yabonakala ohlelweni iCome Dine with Me esiteshini iBBC Lifestyle kanti iyintatheli ephinde ibe usomabhizinisi.
USanesh uveze ukuthi abantu bakuleli abazwani neqiniso njengoba konke akushilo kuLondie London, bekuyizinto ezenzekile empilweni yakhe (uLondie) ngakho akukho okumele kufihlwe.
Esiqeshini sangoLwesithathu kwiShowmax, uSanesh uvele okokuqala ohlelweni, nalapho etholane phezulu noLondie London, obeyingxenye yesizini edlule kodwa wangabizwa ukuba aqhubeke nokuba ingxenye yezintokazi ezihamba phambili kule edlala manje, uneke konke akwaziyo ngempilo kaLondie.
ULondie ngesikhathi efika emcimbini wokuvulwa kwendawo yokuzicwala kaSorisha, oyinkosikazi kaVivian Reddy ongusomabhizinisi osanda kuvula i-Oceans Mall eMhlanga, kusuke umsindo uSanesh ekhwela edilika kuLondie beqala nokubonana.
Indaba isuke ngesikhathi abanye besifazane bebuza uLondie ukuthi kuhamba kanjani empilweni mayelana nezindaba ezike zavela ngaye noyise wengane yakhe, kulandela ukuvela kwezindaba zokuhlukana kwabo kwabezindaba.
ULondie ukhombise ukungafuni ukukhuluma kukhona uSanesh wathi akakhululekile ukukhuluma eduzane kuka lo, ekhomba uSanesh.
Exoxa neSolezwe, u-Sanesh uthe yena akukho azokumbambatha kodwa uzobe ebatshela amaqiniso.
“Okungicasule kakhulu ukuthi angibize ngokuthi ”lo“. Wonke umuntu ngesikhathi efika ubonile ukuthi sikhulume kahle kanjani, kodwa esengibukela phansi kula nami ngizwele khona ngaqala ke ngamtshela izindaba zakhe. Abantu bengangigxeka kodwa nami indlela izinto ezenzeke ngayo futhi ukungigxeka kwabo akungenzanga ngaba nenkinga. Bakhona abanye besifazane abangifonelile bengibheka ukuthi ngiphatheke kanjani njengoba abantu bebesho ukungiqeda ezinkundleni zokuxhumana. Ngibatshelile ukuthi konke kuhamba kahle impilo izoqhubeka,” kusho uSanesh.
Uthe kulolu hlelo akayindawo njengoba abantu besazombona futhi baqhubeke bakhulume ngaye, nezinto ezizokwenzeka.
“Into nje mina engizobe ngiyikhuluma ohlelweni amaqiniso wodwa engizobe ngiwaveza. Abantu abanenkinga nami ilaba abangezwani nokukhuluma iqiniso abahlale bembambatha izinto,” kuchaza yena.
Uthe abantu bangaze bacabange ukuthi ubudlelwane bakhe nabesifazane bubi manje kodwa bangumndeni bonke njengoba kusazocaca ngoba uhambo lwabo lude ohlelweni.
Kube nokuhlukana kwemibono ezinkundleni zokuxhumana abanye bemgxeka uSanesh ngokukhuluma udaba lukaLondie lokushiywa uyise wezingane zakhe nabathe akanazwelo uhlekisa ngomunye wesifazane.
Abanye bamshayele izandla bathi bayakuthanda akwenzile njengoba naye (uLondie) wabukisa ngoLaChonco noNonku ngesizini edlule.