UMCULI we-Afro soul, uSne Zungu, uthi uzoqhubeka nokusebenzisana nesihlabani somculo wezothando, uRingo Madlingozi, yize sesiphumele obala ukuthi sesuyilungu le-Economic Freedom Fighters (EFF).
Kusanda kuvela nokuthi uRingo ungomunye wabalangazelela ukuba ngamalungu ePhalamende.
“Siqale ukwazana naye ngaphambi kokuba angene kwipolitiki. Kunengoma esiyicule ngokuhlanganyela naye esiqalile ukudlalwa emisakazweni, ethi Ngeke Balunge.”
USne uthe bazobuye bacule ndawonye noRingo emcimbini wokwethulwa komucu kaSne othi Sibongile, eMfolozi Casino, eMpangeni ngoMashi 29 kusukela ngo-6 ebusuku. Uthe usazoqhubeka nokucula ngokuhlanganyela noRingo ngenxa yokuthi izwi lakhe liyamchaza.
“Kuzobe kungenwa ngamathikithi abiza uR200 kumaComputicket, emnyango azobiza uR250,” kusho uSne owenza uhlobo lwe-Afro Contemporary.
Le ntokazi edabuka KwaDlangezwa kodwa ekhule eSikhaleni, ayisiye umafikizolo kwezomculo. Iqale ineminyaka emihlanu emngcwabeni kagogo wayo, ngaphambi kokucula emakhwayeni esikole. Ngo-2011 wayifulathela iMpangeni, walubhekisa eThekwini lapho ahlangana khona nophrojusa owaziwayo, uTKO owayekwiMabalabala Records kaDJ Bongz.
Ngokubambisana babe sebesungula iqembu iMusic Café. USne usecule izinhlobo eziningi zomculo, okubalwa i-house, gospel ne-Afro soul. Ngalowo nyaka uSne wabe esehlangana noDJ Websta baqopha ingoma eyayithi It’s Your Life, eyayikwi-albhamu yakhe eyayithi First Episode. Wabe esengenela ama-Idols SA Season 9 kodwa waphuma kwiTop 32. Walubhekisa eGoli, eseyothungatha amadlelo aluhlaza. Ngo-2015 wakhipha umucu wokuqala othi Nsizwa. Ube esenandisa ngokuhlanganyela noHHP, Moneoa, Zonke, Vusi Nova, wabhulela amazolo uSimphiwe Dana, Zahara noNathi.
Usuku angasoze alulibala yingamzukwana eshiyelana inkundla nezingwazi zaphesheya uChris Walker noRegina Belle kuKhozi International Jazz Experience 2018 eRichards Bay. Useke wavela nasemidlalweni yethelevishini iSes’top La neRhythm City.