BANETHEMBA lokuthi izophinde ibuye nesinye isifundo isizini yesibili yohlelo iSweet and Short okubonakala kuyo abantu abazalwa bebafishane, beveza impilo abayiphila emiphakathini yangakubo nasemakhaya lapho bezalwa khona.
Lolu hlelo lushaya ibuya kuMzansi Magic (161) kusuka ngoJulayi 25 ngo-8 ebusuku.
Kule sizini kuzobonakala uThandazani waseNquthu noVovo waseKapa beqhubeka nokuveza izingqinamba ababhekana nazo empilweni njengabantu abafishane.
Okunye okusha ngalolu hlelo kuzobonakala ababengekho phambilini ngoba sekukhona uJoshua Ryan Van Starden (23), oziphilisa ngokwenza ama-video ezinkundleni zokuxhumana, Mongezi aka Mayoghurt (22) ongumculi kamaskandi noZandile (29) ongusomabhizinisi odayisa imithi yesintu.
UThandazani uthe njengoba ebuya ohlelweni kuningi abantu abazobona ekwenzela umndeni wakhe.
“Ngifuna ukugxila kakhulu ekukhuliseni umndeni wami nami njengoba sengiyindoda. Kule sizini ngizobonakala ngenza kakhulu izinto ezithinta ikhaya kanjalo nomsamu wami. Ngizobe ngibheke kakhulu ekwenzeni imicimbi yasekhaya okukhona kuyo owaziwa ngomgidi, lapho ngizobe ngenzela khona ugogo wami umsebenzi ukuze aqhubeke asiphe izinhlanhla njengoba sifuna ukushada mina nezingane zakwethu,” kusho uThandazani.
UVovo uthe yena kule sizini ufuna ukulungisa izinkinga ezithinta umndeni wakhe.
“Kukhona izinkinga ezinkulu enginazo ekhaya ikakhulukazi nobabekazi. Kule sizini ngizobonakala ngilungisa zona, futhi ngenza nemicimbi ehlukene yokubonga ngazo zonke izinto ezinhle esezingehlele. Okunye ngizoqhubeka nohambo lwami lwakamuva njengoba sengingomunye wabantu abasizayo emphakathini esihlala kuwo, ngikhethe ukuphuma ukuze ngenze umehluko kunoma yini edingekayo,” kuchaza yena.