ZIZOSHIYANA ngomshefezo uma kuziwa ezinhlelweni zezindaba njengoba kusuka ngoFebhuwari 27, kuMzansi Wethu (163) sekuzofundwa izindaba zesiZulu nesiXhosa kwaM-Net, nezisungulwe abaphathi besiteshi sezindaba iNewzroom Afrika.
Izindaba Zethu zizokhonjiswa ngo-7, ebusuku kulesi siteshi ngoMsombuluko kuya ngeSonto, nezizoqhudelana nesezineminyaka kuSABC1.
Abethuli bezindaba okukhona kubo uThabile Mbhele, Lisakhanya Pepe abethuli besimo sezulu okukhona kubo uDicksy Mdlalose, Thabile Makapela bazobonakala bethula lezi zindaba.
Omunye wabaphathi beNewzroom Afrika, uNksz Thabile Ngwato uthe ukuletha izindaba emakhaya abantu abakhuluma izilimi ezihlukene kuleli bekuyinjongo yabo njengoba bebanika lokhu abakufunayo nokusezinhliziyweni zabo ngezinto ezenzeka kuleli.
“Kusuka ekuqaleni sakubeka kwacaca ukuthi injongo yethi ukuletha izindaba ezithenjwayo futhi eziyikho kubantu abakhuluma izilimi ezihlukene. Siyaziqhenya kakhulu ukwethula izindaba zolimi lwesiZulu nesiXhosa nokungolunye uhambo oluya phambili la sibheke khona. Sikhethe ukusebenza nabantu abanolwazi namava ngalo mkhakha wezindaba nabo abakujabulele ukuzosebenza nathi ekwethuleni lezi zindaba kubantu abakhuluma lezi zilimi zombili,” kusho uThabile.
UNksz Nomsa Philiso ongumphathi kwaMultiChoice ezinhlelweni zakuleli ezihlukene uthe ukufika kwalolu hlelo lwezindaba kumele lubungazwe njengoba luvumela abantu abakhuluma izilimi ezihlukene kuleli bakwazi ukuqonda ukuthi yini eqhubekayo kuleli.
“Siyajabula ukunika ithuba abeNewzroom Afrika, isikhala sokuzokhombisa izindaba zesiNguni. Lokhu kuzovulela ababukeli bethu ithuba lokuthi bajabulele ukuthola ithuba lokubuka izindaba hhayi nje ngolimi olulodwa kuphela kodwa nangezinye izilimi ezikhona kuleli,” kusho yena.
Abanye abazobonakala kulezi zindaba uKhethukuthula Makoatsane noThabile Makapela abazobe besiza ngolwimi lwezandla.