KUZOBE kuqhuma umbayimbayi kumaMetro FM Music Awards eMpumalanga, kunandisa nabanye babaculi abahamba phambili kulezi zinsuku.
Lo mcimbi ozobanjelwa eMbombela Stadium, esifundeni iMpumalanga, ngoMgqibelo, uzovalwa ngendumezulu yomcimbi wokuvala ohlanganisa izihlabani zabaculi bakuleli okubalwa uSjava noBig Zulu bengoma ethi Umbayimbayi.
Ngaphandle kwabo, kubalwa noDj Tira, Big Nuz, Babes Wodumo, Boohle, Ezra, Miss Keys nabanye. Umcimbi uzokhonjiswa bukhoma kwiSABC 1, ngo-8 ebusuku.
Abagqugquzeli balo mcimbi, uSebatso Maseko noSizwe Zimu beRMM Events, enikwe amandla ngabeMetro FM, bathi konke sekumi ngomumo namathikithi omtakabani ahamba ubuthaphuthaphu.
"Sizokwenza konke okufanele ukuqinisekisa ukuthi abantu bayawuthakasela wonke umcimbi nowokuvala ebusuku," kusho uSebatso ngokuvumelana noSizwe.
I-SABC isungule iMetro FM Music Awards Pop-Up Channel kwi-SABC plus lapho ababukeli bezozitika khona nangeminye yemicimbi yalezi zindondo ebilokhu yenzeka emnyakeni eyedlule. Ngokwezinhlelo zeSABC, le micimbi ikhonjiswa kusukela ngo-2010 kuze kuyoba u-2017. Akuzogcina lapho, kuzophinde kudlalwe bukhona nendumezulu yomcombi wokuvala izindondo ngoMgqibelo ebusuku.
Umsakazi weMetro FM, uLerato Kganyago ngokubambisana noKatlego Maboe, bazobe bephethe uhlelo emcimbini wokwethula izindondo zemikhakha ebalelwa ku-18 nehlanganisa izinto ezahlukene eziqokelwa amaciko.
Ngaphandle komculo nobumnandi kulindele nokuthi kubonakale imisiko yongoti bengqephu abahlukene njengoba umcimbi wezindondo ugabe nangemfashini.