ABACULI abaphila nokukhubazeka okukhona kubo uBabsy Mlangeni, uSgwili, uChaos Machafuko, uPinky 1st Lady noKhazozo, bazoshiyelana inkundla emcimbini i-We Can Arts Festival, ezoba sePlayhouse, ngeSonto elizayo.
Lo mcimbi okuhloswe ngawo ukuqhakambisa igalelo lalaba baculi abaphila nokukhubazeka okuhlukene, wenziwa ngenjongo yokubenza bakhululeke kule ndima futhi bathole namasenti okuqhubeka beziphilisa.
UXolani Majozi owuhlelayo uthe indlela abaziqhenya ngayo ngalo mcimbi osukhombise ukukhula iminyaka bawuqala, yikho beqhubeka nokuwenza njengoba abaculi abaphila noma ngaphansi kwesiphi isimo, kumele bathole ithuba lokujabulisa abalandeli babo.
Ngaphansi kwesiqubulo esithi “No impediments to shine”, uXolani uthe laba baculi bazosekwa ngabanye okukhona kubo uBig Zulu, Phuzekhemisi, Ernie Smith, Nqubeko Mbatha neThee Legacy.
"Lo mcimbi sawuqala ngo-2015, ngemuva kokubona ukuthi ayikho imicimbi la amaciko akhubazekile angaziveza khona aphinde ajabulise abalandeli bawo ngomculo. Savula lesi siteji sathi kungcono siqhamuke nesixazululo ukuze nabo babe nomsebenzi abawenzayo ukungenisa uimali.
“Ukuhamba kweminyaka lo mcimbi waba impumelelo njengoba besenza indawo abazocula kuyo isebenzelane nendlela umculi aphila ngayo, futhi besingagcini nje ngokuthi bacule kodwa benxenxa nabo ukuthi bangashaywa ngesithende emicimbini emikhulu njengoba bedinga ukuba yingxenye yayo," kusho uXolani.
Uthe ekuhambeni kwesikhathi bahlele ukuthi lo mcimbi kube ngowamaciko aqhamuka kulona lonke leli aphila ngokukhubazeka kuphela.
Uhlelo lwalo mcimbi uthe luzobe luphethwe uNontobeko Mbuyazi ongomunye wezintokazi ezimodelayo nezinebala elimhlophe.
Umcimbi walo nyaka uveze ukuthi babe nesivumelwane nesiteshi iBET ukukhombisa obekwenzeka kulo mcimbi ihora lonke.
Amathikithi ayatholakala ePlayhouse noma e-webticket ngoR120.