ABANTU abasha baKwaNongoma, abaqeqeshwa eK-Cap, esikhungweni samaciko esiKwaMashu, bazolingisa phambili emdlalweni omusha ozokhonjiswa kuMzansi Magic (161), kusuka ngo-Okthoba 30.
Umdlalo Uzulu Nomhlaba, uzokhonjiswa ngemva kohlelo oluxoxa ngempilo kaDr Khumalo, i16 V: The Untold Story Of Doctor Khumalo ngo-8 ebusuku.
Sesiqalile isikhangiso somdlalo kuMzansi Magic kanti nomphathi weK-Cap, u-Edmund Mhlongo ubhale kuFacebook ezwakalisa injabulo ngawo.
Udalule kuthi kukhona abafundi akade beqeqeshwa nguyena, nabazolingisa indawo ephambili uNtokozo no-Aphiwe Bhengu.
“Lezi zinsizwa ezimbili zingabanye babafundi bethu esisanda kubakhiqiza kule ndima, kwabangu-22 ebesibaqeqesha. Siqeqeshela impumelelo,” kubhala u-Edmund.
Phakathi kwabalingisi kukhona nenkakha kule ndima u-Ayanda Borotho, odalule ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uyingxenye yomdlalo. Uthe ulingisa indawo kaVakashile Buthelezi, wancoma ukuqhakanjiswa kwesiko emdlalweni.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi omunye umlingisi ozakhele igama emdlalweni Isibaya, uNhlanhla Mdlalose uzoba yingxenye yomdlalo.
Emdlalweni kuthiwa uvuthondaba lwawo luzogxila emculweni kamaskandi futhi kuzogqama izinsizwa ezimbili ezingene.
U-Irvin Pooe weMzansi Magic uthe akulindwe kancane ngoba ngeke liphele isonto bengamemezelanga ngokuzokwenzeka emdlalweni Uzulu Nomhlaba.
Kunomunye umdlalo ozoqala ngoNovemba othi Lavish, kwiMzansi Magic.