KUZA indumezulu yomqhudelwano wengoma okuzoba ngowokuqala ukuba khona, ePeoples Park, eThekwini ngoJuni 4, obizwa ngeNgoma Kazwelonke.
Umhleli wawo, uXolani Mcineka, useziqinisekisile lezi zindaba, wathi bahlose ukufukula amaqembu engoma ngawo. Uthe nosuku lomcimbi ajwayele ukuwuhlela iMpucuzeko kaMaskandi, luzokwaziwa ngosuku lomqhudelwano wengoma.
“Ukuqhamuka kwethu nalo mqhudelwano kungenxa yokuthi sibonile ukuthi impilo yabantu ishintshile ngeMpucuzeko Maskandi Festival. Sifuna ukuzoshintsha impilo kubagidi bengoma manje. Sibonile ukuthi abantu abagida ingoma abasekwa, yingakho siqhamuke nale ndumezulu ukunyusa izinga nakuyona. Ngingakuqinisekisa nje ukuthi asekhona amagoso angu-40 esinesiqiniseko sokuthi azoba khona namaqembu awo. Kuzophinde kuhlonishwe amagoso amahlanu amadala ekhona engomeni. Okuningi ngeke ngikudalule ngoba ngesonto elizayo sizoba nesithangami sabezindaba lapho sizoveza khona yonke imininingwane ngezinhlelo zale ngoma,” kusho uMcineka.
Okunye akuvezile wukuthi Ingoma Kazwelonke isinamanxusa amathathu, okunguKhuzani, Sgwebo Sentambo noBahubhe.
Kuthintwa uSgwebo Sentambo, uthe ujabule ngokuphumelela komcimbi.
“Empeleni uMcineka sekuneminyaka emine ewuhlela lo mcimbi. Ngesikhathi engazisa wabuye wathula, ngazitshela ukuthi yinto engeke isenzeka, kanti naye ubenezinhlelo zakhe ngawo. Okungijabulisa kakhulu ngokuba yinxusa lalo mcimbi wukuthi angikhethwanga ngephutha njengoba ngihlonishwa ngokugida ingoma. Nezinsizwa ezigida ingoma emakhaya zivamise ukuthatha izingoma zethu esiziqophayo zisine ngazo nathi sibuye sithathe ezingomeni zasemakhaya siqophe ezethu. Okumnandi ngalo mcimbi wukuthi amagoso esifazane nawo azohlomula ngokufanayo nawesilisa. Okunye okumnandi wukuthi iqembu elizokhethwa ukuba semqhudelwaneni lizothola uR10 000 ukuthi likhethiwe nje kuphela lingakaqhudelani namanye,” kusho uSgwebo.
UKhuzani naye uhambe emazwini kaSgwebo Sentambo, encoma ubukhulu bomcimbi ozayo.