UKUTHOLA ithuba lokulingisa phambili kwisizini yesibili yomdlalo Umkhokha, ukubize ngobufakazi bokuthi uma sekushaye isikhathi - akukho lutho namuntu ongavimba ukuthi into enhle yenzeke komunye umuntu.
Lowo wumlingisi, uGcinile Nkosi olingisa indawo kaMaNzimande kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8:30 ebusuku phakathi nezinsuku kuMzansi Magic (161).
UGcinile waseMlaza ogqame esalingisa kwiScandal! - waphinde wachaza abaningi eselingisa kwisizini yesithathu yeHostela, engxoxweni yakhe yokugcina neSolezwe, waveza ukuthi ukulingisa kwiGenerations ayijoyine ngoJanuwari, kuzomvulela iminyango eminingi endimeni, nebala kwaba njalo esejoyina Umkhokha.
“Lokhu kuwuphawu lokuthi ukusebenza kanzima kuthela izithelo ezinhle, nokuthi ukusebenzisa lelo nalelo thuba olitholayo ngendlela efanele, kuvula eminye iminyango - uwele ngelibanzi kunoma yini oyenzayo,” kusho uGcinile.
Ebuzwa ngezinselelo zokulingisa emidlalweni emibili ekhonjiswa phakathi nezinsuku ngesikhathi esisodwa, uthe nakuba kuyinselelo ngoba iqoshelwa emadolobheni ehlukene, kodwa kuyenzeka ngoba yinto ayithandayo.
“Inselelo enkulu wukuthi kumele ngihlale ngihamba ngoba iGenerations iqoshelwa eGoli, kuthi Umkhokha siwuqopha ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal.
“Ngaphandle kwalokho, ngibona konke kusahamba ngohlelo futhi ngijabule ngomsebenzi engiwenzayo nangendlela abantu abangamukele ngayo, ikakhulu ngoba kuMkhokha ngivale isikhala sikaSthandiwe Kgoroge obelingisa indawo kaMaNzimande kwisizini yokuqala,” kuchaza uGcinile.
Ephetha, uthe yize naye njengabo bonke abalingisi eshisekela ukwenza izinto ezinkulu endimeni, kodwa akazifakeli ingcindezi - kunalokho ukholelwa ekutheni abhekane nomsebenzi abhekene nawo ngaleso sikhathi.
“Ngigqame kwezokulingisa sengikhulile futhi senginesikhathi eside ngiyibambile, lokho kwenza ngabona ukuthi yonke into inesikhathi sayo - ngakho angizifakeli ingcindezi yokuthi kuzokwenzekani kusasa, ngigxila emsebenzini engiwunikiwe kuphela,” kuphetha uGcinile.